
UZANELE Sithole (14) ongenele uMiss Durban 2021 uthi uzimisele ukufeza amaphupho okuba wubuso beTheku emazweni angaphandle uma kwenzeka edla ubhedu kulomqhudelwano amasemi fayineli awo azokuba ngoJuni 26, kulonyaka.
UZanele ongowokuzalwa eNagina ngaseMariannhill ngaphandle kwasePinetown entshonalanga yeTheku lokhu ukusho ngesikhathi exoxisana naleliphephandaba mayelana nezizathu ezenze wangenela lomqhudelwano nokuthi yikuphi akulangazelele. Ngokusho kwalomfundi waseNilgiri Secondary School owenza uGrade 9 ukuziphatha kahle yikhona okumgqugquzele ukungenela lomqhudelwano. Ngaphandle kwalokho inhloso yakhe ukuthi kube khona okuhle akwenzayo. “Uthando lwalomkhakha wezokumodela lwangifikela kusukela ebuncaneni bami. Ngigqugquzelwa nayimpumelelo yabanye nayo engenze ngabona ukuthi nami kuningi engingakwenza okuhle emhlabeni. Ngingenzi okungafanele,”kusho uZanele. Yize kungokokuqqala ukungenela lomqhudelwano kodwa useke wangenela eminye imincintiswano kodwa wadla ubhedu kwemithathu, okubalwa kuyo uMiss Valentin’s Day Durban, uMiss World Changer kanye noMiss Dream Chasers KZN.
Ephawula ngentsha yanamhlanje uthe iningi layo lenza okungalungile. “Ayenzi kahle futhi angiziqhenyi ngokwenza kwayo njengoba iningi layo selibishe ezidakamizweni nezinto ezingalungile kodwa ngihlezi ngikhuleka ngicela ukuba inkosi isigcine ngokuba yona iphezu kwakho konke futhi mina nginethemba lokuthi ngizokwazi ukuyigqugquzela ukuba isihloniphe isithunzi sayo,”usho kanje uZanele obuye wathi, isikole abanye bethu abaphiwanga ukucabanga okusheshayo ingakho abanye begcina bezinikela kokungalungile. “Lo mncintiswano uzongipha ukuzethemba okukhulu futhi ungenze ngibe umuntu ovuleleka kuyo yonke iminyango. Kulomncintiswano kukhona onobuhle abangaphezu kuka-200 abawungenele. Ngizibona ngihamba ngize ngifike esigabeni sokuthi ngibe ngomunye ozomela iNingizimu Afrika ngokuqhubeka kwesikhathi ngoba uthando enginalo ngalomkhakha lukhulu kakhulu,”kuqhuba uZanele ophethe ngokuthi iphupho lakhe ukusiza labo abahlwempu ,akhombise uthando emphakathini futhi abe nokuningi okuhle azokuletha emphakathini nokuzoba yinjabulo kwabaningi.






