
KWETHULWE ngokusemthethweni izinhlelo zeDurban Tourism nokubambisana noDj ohlonishwa umhlaba wonke uBlack Coffee zokuguqula iTheku libe isizinda sezokuvakasha ohlelweni oluzohambisana nokuqoshwa kwama-video azofundisa izivakashi ngezindawo nezinto ezitholakala eThekwini.
Lokhu kwenzeke eMax’s Lifestyle lapho uBlack Coffee eveze khona izinhlelo zakhe zokuheha izivakashi kwelikabhanana. Nakuba zizoheha izivakashi ezivela kuleli kodwa inhloso enkulu ukuthi kuheheke ezivela kwamanye amazwe. Uthe ukholwa ukuthi kuningi okutholakala eThekwini okungajatshulelwa izivakashi. “Ngibone kungumqondo omuhle ukuthi ngifake isandla ekuthuthukiseni ezokuvakasha eThekwini njengoba nami ngiwumuntu oke wahlala khona isikhathi eside. Ngikholwa ukuthi lokhu ngeke kugcine nje ngokuthi abantu bevakashe ebese beyahamba, kodwa kuzokwakheka nobudlelwane obuzofukula intsha yasemalokishini,” kusho uBlack Coffee.
Uthe unothando olungasoze lwaphela ngoMlazi njengoba wakhulela khona, wathi ukholwa ukuthi uphumelele ngenxa yezifundo zempilo azithola khona. Uthe kuyisifiso sakhe ukuthi abantu abavela kwamanye amazwe bazi kabanzi ngendlela yokuphila ezindaweni zasemalokishini. UMnuz Phillip Sithole oyiPhini leMenenja kaMasipala weTheku, uthe lokhu kuzoba usizo ezinhlelweni zikamasipala. Uveze ukuthi iDurban Tourism ike yaba nomkhankaso wokuhambela kwamanye amadolobha amakhulu ukuyofundisa abathandi bezokuvakasha ngezinto ezitholakala eThekwini. “Nakuba sisabhekene nobhubhane kodwa sikholwa ukuthi kumele siqhubeke nokukhangisa idolobha. Sibheka kakhulu ekukhangiseni izindawo zasemalokishini, lokhu saqala ukukwenza kusukela kuneFifa World Cup ngo-2010. Sisebenzisana nabantu abazi kabanzi ngezindawo zasemalokishini,” kusho uSithole. UKhansela Ntokozo Sibiya onguSihlalo weCommunity Services kumasipala obemele iMeya yeTheku uKhansela Mxolisi Kaunda, uthe imcimbi yomculo iyingxenye enkulu yezinhlelo yokufukula umnotho ngoba iheha abatshalizimali. “Lokhu kwenziwa ukuthi abantu bahambela ezindaweni ezehlukene belandela isihlabani abasithandayo,” kusho uSibiya. UMnuz Sandile Zungu onguMnikazi we-Amazulu FC, uthe kumele kusetshenziswe konke okutholakala eThekwini ukuheha izivakashi, kudlondlobale nomnotho ozohlomulisa osomabhizinisi abancane. Uhalalisele uBlack Coffee ngegxathu alithathile, waphinde wamfisela inhlanhla.






