
UMNUZ Bukelani Makhanya (40) waseNsimbini ngaseFolweni ngaphandle kwaseSiphingo eningizimu yeTheku, uthi ubonga usizo oluqhamuke namalunga eqembu lezombasazwe, i-African Freedom Revolution (AFR) ngemizamo yokumtholela usizo lukuba abenandawo engcono yokufihla ikhanda.
Ngokusho kukaMnuz Makhanya ongowokudabuka eTholeni, eMbumbulu, ongasebenzi kodwa onezincwadi zokushayela (Code 14) usehlale iminyaka engaphezulu kuka-14 kulomjondolo wakhe athe uyabikelwa uma izulu linetha, ngoba amanzi agcwala indlu. Uthi okwenza aqhubeke nokuhlala kule ndawo ukuthi inamathuna ezihlobo zakhe zegazi okuyikho okumenza abekezele noma isimo sinzima. “Lendawo ingekamalume wami, uMnuz Walter Makhanya. Wangicela ukuba ngimgadele yona naye wathi ngabe uyangelekelela, kodwa manje kuningi okumxakile ngokwempilo. Ngabe ikhona imizamo engiyenzayo yokulungisa lendawo ibe yikhaya elingcono kodwa amatoho ayangiphika,” kusho uMnuz Makhanya. Uqhube wathi, ubonga usizo oluqhamuke namalungu e-AFR, wathi uyethemba ukuthi njengoba kuqala ihlobo uzokwazi ukulala ubuthongo obehlayo. Uthe waxhumana nawo ngesikhathi efika ekiliniki eNsimbini eyocela usizo lwesinkwa kanye nesobho ukuze akwazi ukulala edlile. I-AFR isiza abasuke bezothola usizo emtholampilo eNsimbini ngokuthi ibenzele isobho kanye nezinkwa.
USihlalo we-AFR ku-wadi 94 ngaphansi kukaMasipala weTheku, UMnuz Msizeni Ntuli uthe, indawo ehlala uMnuz Makhanya bayibone ngesikhathi bephume umkhankaso njengoba kukhankaselwa ukhetho lohulumeni basekhaya. “Simangazwe ukuthi uhlala kanjani endaweni enje. Wathi niyazibonela nani, ngisodakeni lapho engikhona, sekunesikhathi eside ngingalutholi usizo. Yiyona mpendulo asinikeze yona uMakhanya,” kusho uMnuz Ntuli. Uqhube wathi, uMnuz Bhekumuzi Mbonambi nowakwakhe uNkk Mbonambi babe sebethatha isinqumo sokunikela ngothayela abasha, ukulungisa uphahla lwendlu kanye nendlu, ngesikhathi besenza imizamo yokucela uxhaso kosomabhizinisi ukuze kusizakele uMnuz Makhanya. Uthe isimo akusona siyadabukisa kakhulu. Lesi kuseyisiqalo, sizobona ukuthi umfowethu uzosizakala kanjani, njengoba sinxenxa osomabhizinisi,” kusho uMnuz Ntuli. UNks Faith Dube unikele ngombhede.






