
UKUNIKELELWA ngezinsiza ezibalulekile kuzokwenza ukuthi ibhizinisi labesifazane abathathu liqashe abasebenzi abangu-6, umnikelo uqhamuke kwiSantaco-KZN ohlelweni ebiliqhuba ngokubambisana noMnyango wezokuThutha, uMnyango weMsebenzi yoMphakathi kanye ne-Icebolethu Group.
Laba besifazane, okunguNkk J Hlono, uNkk J Nkosi kanye noNkk M Ndlela, banebhizinisi lokulungisa ingaphakathi lamatekisi, bakhipha izindwangu ezingasekho esimeni bakhe kabusha nezihlalo. Okwamanje basaqashe abantu abathathu, bathi balindele ukuliphinda kabili inani labasebenzi uma izinhlelo zabo sezisebenza ngokugcwele. Lokhu kwenziwe njengendlela yokubungaza inyanga yabesimane. Labosomabhizinisi banikwe le mshini emcimbini obuseMnini obuhlelelwe nokuqwashisa ngokuhlukunyezwa, ukunukubezwa ngokocansi kanye nokubulawa kwezingane kanye nabantu besifazane. Kuphinde kwanikelelwa nomama basendaweni abangu-300 ngamaphasela okudla. UMnuz Boy Zondi onguSihlalo weSantaco KwaZulu-Natal, uhalalisele omama abahlomule ngemshini yokuthunga. Uthe lesi isibonelo sokuthi imboni yamatekisi ayibacindezeli abantu besifazane, ibambisana nabo uma beqhamuka namasu amasha noma bethola izindlela zokuzithuthukisa embonini. “Ukuba khona kwebhizinisi labo kusho ukuthi ayikho itekisi esizolungiswa izihlalo kwenye indawo, onke amatekisi wethu kumele elungiswe yibo. Ukulunga kwamatekisi, ukuthuthuka kwemboni ngoba abagibeli bayokuthokozela ukugibela amatekisi uma ekwisimo esifanele. Siyaziqhenya ngokuzimisela kwabo,” kusho uZondi.UNks Peggy Nkonyeni onguNgqongqoshe woMnyango wezokuThutha ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi KwaZulu-Natal, uthe kusemqoka ukuthi kuvikelwe abantu besifazane nezingane. Uthe wonke umuntu kumele ebambe iqhaza, kungenzeki ubugebengu phambi kwakhe engabikeli abomthetho.
“Siyaqonda ukuthi kukhona abantu abacabanga ukuthi akumele bengenelele ngoba besaba ukubukwa njengabantu ababi kodwa kumele ukukhumbule ukuthi ukuthula kwakho kungaholela ekutheni lowo ohlukunyezwayo egcine esebulewe ekubeni ubungayiphephisa impilo yakhe ngokubikela amaphoyisa,” kusho uNkonyeni. UMnuz Jomo Sibiya onguNgqongqoshe woMnyango wokuHlaliswa kwaBantu neMsebenzi yoMphakathi, ukhuthaze ukubambisana emphakathini ukuze kuzoba nozinzo. Ulinganise ngemibhikisho yakamuva, wathi ukube abantu bebebambisene izigebengu zazingeke zicekele phansi amabhizinisi nempahla abasizakala kuyo. “Njengamanje sebebaningi abantu abalahlekelwe imisebenzi, abanye abanakho nokudla ngenxa yezibhelu. Kuyasijabulisa ukuthi uhlelo lokunikelela abesimame ngezijumbana zokudla luphumelele ngoba imindeni ehlomulile ngeke iswele okuya ngasethunjini kulesi simo esinzima esisabhekene naso,” kusho uSibiya.






