Siyenyuka isibalo sabasebenzisa izidakamizwa

0
586

KUKHALWA ngokuyekelela kwabomthetho ekwenyukeni kwezinga lokusetshenziswa kwezidakamizwa eThekwini, abazali bentsha esebenzisa izidakamizwa bathi ukutholakala kalula kwezidakamizwa yikho okuholela ekutheni intsha eningi igcine iphephele kuzo.

Bathi akusekho abangasiza ngakho izingane zabo ngoba zinele zingaphuma ezikhungweni zokuyeka izidakamizwa, ziphindele ekuzisebenziseni ngoba abazithengisayo basuke besakhona emphakathini. Basola amaphoyisa ngokungasebenzi ngendlela ngoba bayaziwa abathengisa izidakamizwa. Njengoba bekubungazwa usuku lokuqwashisa ngezidakamizwa i-International Day Against Drug Abuse and Illicit Trafficking eba njalo ngomhlaka-26 Juni, kuphinde kwagqama ukuthi intsha eningi igcine iphephele ekusebenziseni izidakamizwa ngenxa yokuntula kwemisebenzi.

UNkz Senamile Ndlela onobhuti obhema iwunga, uthe akaqondi ukuthi kungani umfowabo wakhetha ukusebenzisa lesi sidakamizwa ngoba ebemenzela yonke into ayifunayo. Uthe nakuba bengamile kahle kodwa ebengenazo izinkinga ezingamphoqa ukuthi egcine esesebenzisa izidakamizwa. “Ngizibona njengesehluleki. Akukho engingakuzamanga, kulunga isikhashana ephinde ebuyele. Akulula nokuthi siyobika ngoba unele ungabika ebese uyahlaselwa. Kuyacaca ukuthi amaphoyisa asuke esebatshelile labo abathengisa izidakamizwa ukuthi bampimpwe obani,” kusho uNdlela.

UMnuz Thokozani Mthethwa obhema iwunga, uthe akasahlali nasekhaya ngoba unamahloni okuthi uhlale elandela umndeni wakhe izinkinga ngokwebela omakhelwane. Uthe nakuba ebamba amatoho, kube khona nakuthengisayo noma ecele imali kubantu, kodwa usephephela ebugebengwini ukuze ezothola iwunga. “Angintshontshi ngoba ngithanda, ngisuke sengigqugquzelwa ukuqaleka okungenza ngithathe noma yini engathengiseka. Kukaningi ngishaywa umphakathi ngenxa yokweba nokubamba inkunzi, angisathandi ukuphila ngale ndlela kodwa kunzima ukuyeka ukubhema iwunga,” kusho uMthethwa. Ebuzwa ngokuthi sitholakala kuphi lesi sidakamizwa nokuthi kungani kulula ukusithola, uMthethwa uthe abazithengisayo bayaziwa futhi basebenzisana namaphoyisa. Uthe kuyona yonke indawo lapho sithengiswa khona, kukhona iphoyisa elinolwazi kodwa akwenziwa lutho. Akusibo bodwa abasebenzisa izidakamizwa ezingekho emthethweni abanenkinga, nalabo abasebenzisa izidakamizwa ezigunyaziwe njengotshwala nemishanguzo babhekana nenkinga yokwehluleka ukuyeka. Abanye babo baze balahlekelwe imisebenzi ngenxa yazo lezi zidakamizwa.

UDkt Breggie Smook onguMqondisi weLife Plan Consultancy, uthe kunzima ukuthi abasebenzisa lezi zidakamizwa bethole usizo ngoba zitholakala kalula futhi ingxenye enkulu yabo ayivamile ukuvuma uma isinenkinga. Uthe ukuphuza ngokweqile kumandla kakhulu kubantu abasha. Uveze ukuthi abaningi benza lokhu ngoba bezitshela ukuthi baqeda izinkinga. Usho lokhu ngenkathi ekhuluma kwingqungquthela ebihlelwe iSouth African National Council on Alcoholism and Drug Dependency (Sanca) yokubhunga ngobungozi bokusetshenziswa kwezidakamizwa ezimpilweni zabantu. “Izidakamizwa aziziqedi izinkinga, usazobhekana nazo uma sezidamukile emzimbeni. Akekho umuntu ofuna ukuba nezinkinga, kubalulekile-ke ukuthi abantu bexazulule izinkinga ngoba ngeke behlale bephuzile noma bebheme izidakamizwa ngazikhathi zonke,” kusho uSmook. Okhulumela amaphoyisa akwaSAPS KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbhele, uthe iSAPS ayinalo ulwazi mayelana nabathengisi bezidakamizwa abasebenzisana namaphoyisa. Unxuse izakhamuzi ukuba zibike zonke izinhlobo zobugebengu ku-08600 10111. Uzikhuthaze ukuba ziphinde zithole iMy SAPS App.