
IZINGQAPHELI kwezemidlalo zisishayele elikhulu isinyathelo seMotsepe Foundation sokuphosa esivivaneni ekuxhaseni unobhutshuzwayo kuleli njengoba kubonakala imithombo yabaxhasi iyangokushoda.
Zikwenze lokhu ngemuva kokuba iMotsepe Foundation kanye nePremier Soccer League bememezele ukusebenzisana kwabo okusha okube nomphumela wokuzalwa kweMotsepe Foundation Championship.
IMotsepe Foundation ithatha izintambo enmpanini iGladAfrica asebehoxile esivumelwaneni sabo seminyaka emihlanu sokuxhasa isigaba sesibili sebhola laseNingizimu Afrika.
“Ngenxa yesimo semakethe iGladAfrica iyancipha futhi ngeke ikwazi ukuqhubeka noxhaso ukuya phambili,” kudalule uKhoza.
“Bekumele bakhiphe imidlalo ngesonto elizayo kodwa abakwazanga yingakho ngithathe ucingo izolo ngakhuluma noMnuz Motsepe, ezinye izikhulu zePSL azikwazi lokhu ngoba mina bengingaqiniseki ukuthi izophumelela yini.”
“Bengazi ukuthi uDkt Motsepe uzohamba ngoLwesihlanu ebusuku aye ku-CAF Women’s Africa Cup of Nations futhi besifuna ukuphetha bese sethula iMotsepe Foundation Championship ngaphambi kokuthi ahambe.
UMengameli weConfederations of African Football (CAF) uMotsepe uzwakalise injabulo yesisekelo ngokuthola obunye ubudlelwano ezinhlakeni zebhola kuleli. “Kunezinkampani ezimbalwa ezisebenzisana neMotsepe kanti lezo zinkampani zizosixhasa. Sijwayele ukuya ebholeni elisezingeni eliphansi nalapho kungasakhulunywa ngakho kodwa siyajabula ukujoyina le esesiyibiza ngeMotsepe Foundation Championship.Sithanda ukubonga iPSL noSihlalo wayo uDkt Khoza ngemizamo yakhe engapheli yokuheha abaxhasi nozakwethu kuPSL,” kuchaza uMotsepe.
IMotsepe Foundation imemezele ngoLwesihlanu ukuthi isithole uxhaso ezinkampanini ezihlangene ne”Motsepe Family” ukuze zixhase iPremier Soccer League (PSL) National First Division njengengxenye yokuzibophezela kwayo okuqhubekayo kanye negalelo ekuthuthukiseni nasekufukuleni ibhola nokwenza ibhola laseNingizimu Afrika likwazi nokuncintisana emhlabeni jikelele.
Umsunguli noSihlalo weMotsepe Foundation uDkt Patrice Motsepe uthe: “Ibhola laseNingizimu Afrika linomlando omude futhi ozigqajayo ngakho selikhiqize abadlali abanekhono e-Afrika nasemhlabeni. Kuyinjabulo kwiMotsepe Foundation ukubamba iqhaza ngokuzithoba ekuthuthukisweni nasekukhuleni kwebhola laseNingizimu Afrika kanye nokulenza libe phakathi kwezihamba phambili e-Afrika nasemhlabeni jikelele”.
“UDkt Khoza ungithintile izolo (ngoLwesine) wacela ukuthi sihlangane ngokushesha kwathi ngemuva kokukhuluma namanye ama-Trustees ezinkampani ezihlangene neMotsepe Family kwafinyelelwa esivumelwaneni sokwethula iMotsepe Foundation Championship. Sithanda nokubonga iPSL nenhlangano yayo. USihlalo uDkt Irvin Khoza ngemizamo yakhe engapheli yokuheha abaxhasi nozakwethu kuPSL.”
UDkt Irvin Khoza, onguSihlalo wePSL uthe: “Sibonga iMotsepe Foundation ngokufaka isandla ekusimamiseni nasekuthuthukiseni ibhola laseNingizimu Afrika. Kuyangijabulisa ukuthi isicelo sami esiphuthumayo kuMotsepe Foundation sokwesekwa samukelwe futhi sasebenza ngesikhathi esifushane kangaka.
Bengazi ukuthi u-DR Patrice Motsepe uzohamba ngoLwesihlanu ebusuku aye kuTotalEnergies CAF Women’s Africa Cup of Nations e-Morocco, futhi besifuna ukuphetha bese sethula iMotsepe Foundation Championship ngaphambi kokuthi ahambe.”
UDkt Precious Moloi-Motsepe ongumsunguli weMotsepe Foundation uthe: “Eminyakeni edlule siye sasekela ibhola futhi lihlinzeka ngezinkulungwane zemisebenzi, linomthelela ekuthuthukisweni kwezimo zokuphila nezinga lempilo yabampofu nabancishwe amathuba, futhi liyathandwa izigidi zabantu bakithi.”






