Sikhuphukile isibalo samacala okunyamalala kwabantu

0
89

SENYUKILE isibalo samacala okunyamalala kwabantu avulwe esiteshini samaphoyisa saseMlazi, amaphoyisa athi akholwa ukuthi ukungagadwa ngokwanele kwezingane njengoba kusengamaholidi ezikole kunomthelela kulokhu.

Amaphoyisa aveze lokhu ngenkathi eqhuba umkhankaso wokuxwayisa umphakathi ngezinhlobo zobugebengu ezidla lubi eMlazi. Abehambele eMlazi Mega City kanye noMnyango wokuPhepha nokuXhumana koMphakathi neDurban Life Line.

U-Officer Sithembile Shezi ukhuthaze izingane ukuba ziyeke ukuba luvanzi, zihlale emakhaya lapho zizoqashwa khona abantu abadala. Izingane zikhuthazwe ukuba zichithe isikhathi ngokwenza izinto ezakhayo njengokufunda nokubamba iqhaza ezinhlelweni zomphakathi.

UShezi uzicebise ngokuthi uma kukhona lapho ziya khona kumele zihambe ngamaqoqo, zibike uma zivakashele abangani, zigweme nokukhuluma nabantu ezingabazi ezinkundleni zokuxhumana.

Kuphinde kwaqwashiswa umphakathi ngezinhlobo ezehlukene zokuhlukumeza nezodlame lwasekhaya, ezokunukubeza ngokocansi, zaphinde zafundiswa ngezindlela zokuzivikela kwizigameko zobugebengu.

UConstable Nzuzo Cele ukhuthaze amadoda ukuba engafeli ngaphakathi uma ehlukunyezwa abantu athandana nabo, wathi umthetho wakuleli awukhethi bulili kodwa uvikela wonke umuntu ngendlela efanayo. Uthe amadoda nawo ayaba izisulu zodlame lobulili.

Khonamanjalo iCommission for Gender Equity isiveze ukuthi zenyuke kakhulu izigameko zokuhlukumeza nezodlame lwasekhaya ezibikwe eziteshini zamaphoyisa kuleli. Le khomishana ikhiphe umbiko ngemuva kocwaningo olwenziwe eziteshini zamaphoyisa.

Lolu cwaningo beluhlose ukuthola ukuthi ikuphi okwenziwa amaphoyisa ukunqanda lokhu, nokuthi anakho konke okudingekayo ukubhekana nakho. OyiBamba likaSihlalo wekhomishana uDkt Nthabiseng Moleko, uthe amacala amaningi awakaphothulwa.

“Ngenxa yokudonsa kwamacala ezinkantolo, amaningi agcine esulwa. Sithole nokuthi eziteshini eziningi azikho izinsiza, ezinye azinazo izinhlelo zokubhekana nalesi sihlava. Kwezinye iziteshi kunezinsiza eziningi uma kuqhathaniswa nezinye,” kusho uMoleko.

Uthe nobubha bunomthelela ekungavulweni, nokwesulwa kwamacala ngoba abenzi bobubi bagwazelwa abagilwa noma imndeni yabo. Uthe abakuthole ngenkathi kwenziwa lolu cwaningo oluqale ngoMashi kuya kuSephthemba ngonyaka owedlule, kuyashaqisa.

Usole ukuthi ukungalingani kuleli kunomthelela ekwenyukeni kwezigameko zokuhlukumeza, wengeza ngokuthi ukutholwa kwesisombululo sakho kungenza umehluko ekulweni nempi yodlame lobulili nokuhlukunyezwa kwezingane.

Umbiko okhishwe ile khomishana uveze ukuthi izigameko zokuhlukumeza zimandla kakhulu KwaZulu-Natal, iseGauteng, Eastern Cape naseWestern Cape. Ukushoda kwezinsiza zamaphoyisa kuphinde kwenze ukuthi kube nzima ukuthola abadlwenguli.

Umbiko uphinde waveza ukuthi iziteshi eziningi azinazo izinsiza nezinhlelo zokusiza abagilwa, okwenza kube nzima ukuthi abaningi beyovula amacala emaphoyiseni. Lokhu kusho ukuthi izibalo zalokhu ziphezulu kakhulu ukunalezo ezivela emaphoyiseni.