
ZIZOQALA khona maduze izingxoxo mayelana nokwenyuka kwemali yokugibela ematekisini, iSouth African National Taxi Council (Santaco) ithi yize ikuqonda ukuthi isimo sezomnotho sisesibi kwizakhamuzi kodwa ngeke ikwazi ukukubalekela ukwenyuka kwemali yokugibela.
Ithi nakuba izokwenyuka imali kodwa kuzobhekwa izimo abagibeli ababhekene nazo njengoba kusanezinkinga zezimali ngenxa yeCovid-19 nje. UMnuz Thabiso Molelekwa okhulumela iSantaco, uthe umkhandlu uyakuqonda ukuthi abaningi badiliziwe emsebenzini, abanye behliselwa imiholo. Uthe lo mkhandlu ngeke ungabacabangeli abagibeli njengoba kwenzekile ngentengo yokudla nokwenyuka kukaphethiloli ekubeni abantu bebhekene nobunzima. Uthe ngeke usebenzise izinselelo zomnotho nezinkinga ozitholile ngenxa yesimo seCovid-19 njengezizathu zokwenyusa imali yokugibela. “Sisebenzisa iTaxi Fair Index uma kwenyuswa imali. Lolu hlelo lubheka izindleko zokusebenza njengemali ekhokhwa emarenki, imali ekhokhelwa amatekisi, imali yamalayisensi nokunye. Uma ubhekisisa kahle, uzobona ukuthi kusukela emnyakeni engu-3 eyedlule imali ayenyukanga kakhulu,” kusho uMolelekwa.
Uveze ukuthi imali yenyuke ngamaphesenti aphakathi kuka-15 no-35. Uthe okuningi sekuyonqunywa abaholi uma sekuhlangene ubuholi bukazwelonke kanye nobezifundazwe ngoJuni. Uqinisekise abagibeli ukuthi iSantaco iyazwelana nabo njengoba wonke umuntu esabhekene nesikhathi esinzima. Izindaba zokwenyuka kwemali yamatekisi zidumaze abagibeli. Bakhala ngesimo somnotho esesiholele ekutheni kwenyuke intengo yayo yonke into ezitolo. UNks Simangele Makhanya uthe uma kwenyuka imali yamatekisi kuyacaca ukuthi uyobe esesebenzela ukugibela eye emsebenzini kuphela. “Kumanje ngiyehluleka, angazi ngiyomisa kanjani uma kungase kwenyuke imali ngenani elizonginika inkinga. Ngigibela kathathu ukuze ngifike emsebenzini, nantambama kuba yiso leso. Ngosuku ngisebenzisa imali engaphezu kuka-R80. Kunzima ngendlela exakile,” kusho uMakhanya.
UNks Andisiwe Nobetha uthe izinkinga ngemali yokugibela zingaphela uma izithuthi zikahulumeni zingasebenza ngendlela efanele. Uthe abantu baphephela ematekisini ngoba amabhasi nezitimela akusebenzi ngendlela efanele. Uthe ukuntengantenga kwesimo somnotho kushaye kakhulu abantu abahlwempu. Kulungiselelwa lokhu nje, iSantaco isanda kugxeka uhulumeni namabhange ngokungalekelelwa kwemboni yamatekisi kusukela ekuqaleni komvalelandlini ngonyaka owedlule. UMolelekwa uthe akaqondi ukuthi kungani amabhange engayisizanga le mboni ekubeni idlala indima enkulu emnothweni wezwe. Imboni iveze ukuthi nakuba ingenisa imali ecela ku-R12 billion emnothweni wezwe, kodwa busebuningi ubunzima ebhekana nabo. “Asiqondi ukuthi kungani kwenzeka ngale ndlela ekubeni sithutha abantu abaningi kangaka nsuku zonke. Kumele ngabe ziningi izinhlelo zokulekelela imboni,” kusho uMolelekwa.






