
ASEPHELILE amahlathi okucasha kubafundi bakamatikuletsheni abebengazimiseli ngokufunda kusukela ekuqaleni konyaka, ukuqala kokubhalwa kwezivivinyo zokuphela konyaka kuzobembula izinqe njengoba uMnyango wezeMfundo kulesi sifundazwe uthi ngeke libe khona ithuba lokukopela nokuputshuka kwamaphepha.
UNgqongqoshe womnyango uMnuz Kwazi Mshengu, uthe umnyango uzokwenza ngazo zonke izindlela ukuqinisekisa ukuthi akukho okubi okwenzekayo ngoba kululaza imiphumela yabafundi. Uphinde waveza ukuthi zilungiselelwe nezigameko zokunqamuka kogesi kanjalo nemibhikisho engase iphazamise ukubhala. Usho kanje ngenkathi kusayinwa izifungo ngezivivinyo emcimbini obuseLamontville High muva nje. Abafundi bathembise ukuthi ngeke bebandakanyeke kwizinto ezingalungile, bazozimisela ngoba bahlose ukuthola imiphumela emihle. Bathe nakuba behlangabezane nobunzima ngenxa yecovid-19 nezibhelu kodwa bakwazile ukuzilungiselela kahle. KwaZulu-Natal bangu-178 262 abazobhala ngokugcwele, bangu-22 845 abazobhala izifundo ezikhethekile. Kulo nyaka abafundi bamantombazane ababaningi ukwedlula ababafana. UMshenu uthe lokhu kuhambisana nezinhlelo zikahulumeni zokulwa nokucindezeleka kwabantu besifazane. “Siyakujabulela lokhu. Kusemqoka ngoba ukuze uzokwazi ukuthuthukisa abesifazane, kumele ubavulele amathuba. Sikholwa ukuthi imfundo izobahlinzeka ngamakhono azobenza bekwazi ukuzithuthukisa, bezimele,” kusho uMshengu oncome ukuzimisela kothisha nabafundi bekilasi lango-2021.
Izinyunyana zothisha sezifisele abafundi inhlanhla. UMnuz Mugwena Maluleke onguNobhala-Jikelele weSadtu, uthe akangabazi ukuthi umatikuletsheni uzokwenza kahle kwimiphumela. Uthe basebenze ngokuzimisela ukufunda konke okusezincwadini zikamatikuletsheni kanye nokwakusale ezincwadini kwaGrade 11. UNks Cynthia Barnes onguNobhala-Jikelele weNatu, uchaze abafundi nothisha njengamaqhawe adele konke ngenhloso yokwakha ikusasa eliqhakazile labafundi nelezwe. “Sibafisela okuhle kodwa. Siyazi kukhona izikole ezisabhekene nezinkinga ezehlukene, sifisa engathi zingangaziphazamisa izivivinyo zabafundi,” kusho uBarnes. UMnuz Sifiso Sonjica onguSihlalo weKomidi lezeMfundo eSishayamthetho sesifundazwe, uthe nakuba kube kuningi okuphazamise ukufunda kodwa umbiko otholwe ikomidi uveze ukuthi izikole zikulungele ukubhala izivivinyo. Kulezi zinkinga kubalwa ukungaqashwa kothisha, izikhalo ngezokuphepha, ingqalasizinda engekho esimeni nokunye. “Sifisela bonke abafundi ababhalayo impumelelo. Silindele imiphumela emihle kamatikuletsheni uma isimenyezelwa ngonyaka ozayo,” kusho uSonjica othembise ukuthi ikomidi lizobonisana nomnyango kanye noMgcinimafa ukuze kuzoqashwa othisha abazohanjiswa lapho bedingeka khona kakhulu ngonyaka ozayo.






