Qhude manikiniki zindala zombili!

0
147
Kuzoshiya amaqhinga abaqeqeshi emidlalweni yomlenze wokuqala wamasemifayineli eMTN8 ezokuba ngalempelasonto. IKaizer Chiefs izodlala namaZulu FC eFNB Stadium, eGoli, ngeSonto, ngo-3.30 ntambama.

AKWAZIWA ukuthi iyozala nkomoni emlenzeni wokuqala weMTN 8 ozokuba kulempelasonto lapho kuzobe kugadulisana amaqembu amane agijima kuDStv Premiership.

Lemidlalo yokuqala eyandulela owamanqamu ibukeka izofaniswa nefayineli ngenxa yomlando wamaqembu azobe edudulana. Umdlalo wokuqala uzoba ngoMgqibelo e-Orlando Stadium, eGoli, phakathi kwe-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns ngo-3.30 ntambama.

Lamaqembu womabili uyaziwa umlando wawo ukuthi uma esebhekene enkundleni kuba nguwafa wafa. Lomdlalo kubhekeke ukuthi iPirates idlalele ukufa nokuphila njengo kumasizini amabili edlule ibisiphenduke isinkwa semihla ngemihla seSundowns.

Kwisizini ka-2020/2021 iSundowns inanabule iPirates ngo-1-0 yaphinde yayithela isibhaxu sika-3-0. Sekungumlando ukusho ukuthi nangesizini edlule emzuliswaneni wokuqala weligi, iDStv Premeirship amaSandawana ashaye amaBhakabhaka ngo-2-0 kowesibili ayilobola ngo-4-1.

Kodwa njengamanje kungenzeka izinto zishintshe njengoba ezikaMagebhula sezingaphansi kwesandla somqeqeshi omusha futhi kuzodlalwa lomdlalo nje weMTN8 zizobe sezihlome ngabadlali abasha.

Omunye umdlalo womlenze wokuqala wesemifayineli yeMTN 8 abalandeli abawubheke ngabomvu ngozokuba ngakusasa ngeSonto phakathi kweKaizer Chiefs naMaZulu FC eFNB Stadium, ngo-3.30 ntambama.

Ngaphandle kokuthi uSuthu luzimisele ukuzibonakalisa kubalandeli ukuthi lukusiphi isimo kulesi sizini, kodwa abalandeli okubhekwe kakhulu kubona abeMpofana kwazise kulempelasonto esiphuma kuyo ikhishwe kabuhlungu kuMacufe Cup ebidlalelwa eFree State Stadium. Lomdlalo ubujwayele ukuba phakathi kweChiefs neBloemfontein Celtic ngaphambi kokuba uShawn Mkhize odume ngelikaMaMkhize athenge ilungelo lokungena kuDStv Premiership ngethikithi le-Celtic.

Kulomdlalo iThwihli Thwahla ewine ngo-4-2 wamaphethani ngemuva kokuba umdlalo uphele zibambene ngo-1-1 ifake usawoti esilondeni kubalandeli beChiefs, kwazise isanda kuyishaya ngo-1-0 emdlalweni weligi eChatsworth Stadium.

Ngaphandle kwalomqhudelwano kulindeleke ukuthi kushikishe ufudu ezinkundleni ezahlukene kugadulisana amaqembu eDStv Premiership emidlalweni yamaphuzu. NgoLwesibili luka-Okthoba 4, kuzobe kududulana iSekhukhune United ne-Orlando Pirates ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngo-5 ntambama.

Ngosuku olufanayo ngo-7.30 ebusuku Stellenbosch sizokwamukela iMaritzburg United eDanie Craven Stadium, eStellenbosch. Akwaziwa mbhantshi kujiya emdlalweni ozokuba phakathi kweGolden Arrows neCape Town City, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngo-7.30 ebusuku ngalo uLwesibili.

Omunye futhi umdlalo ngozokuba phakathi kweTS Galaxy neMarumo Gallants eMbombela Stadium, eNelspruit, 7.30 ebusuku. SuperSport Utd izobe ingosokhaya ngesikhathi ibhekene neRoyal AM eLucas Masterpieces Moripe Stadium, ePitoli ngo-7.30 ebusuku. Nayo lemidlalo izoba ngoLwesibili, Okthoba 4.

Ngakusasa ngoLwesithathu, Okthoba 5, kuzodilika umthangala emdlalweni womkhaya ozokuba phakathi kwaMaZulu neRichards Bay, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngo-5 ntambama. Kuzoqhuma nhlamvana ezinye ziyofekela komunye umdlalo womkhaya lapho kuzobe kugijimisama iSwallows neKaizer Chiefs ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngo-7.30 ebusuku.

Imidlalo yeDStv Premiership:

NgoLwesibili (Okthoba 4):  Sekhukhune United vs Orlando Pirates (Peter Mokaba Stadium, Polokwane, 17:00);  Stellenbosch vs Maritzburg Utd (Danie Craven Stadium, Stellenbosch, 19:30);  Golden Arrows vs Cape Town City FC (Princess Magogo Stadium, KwaMashu, 19:30); TS Galaxy vs Marumo Gallants FC (Mbombela Stadium, Nelspruit, 19:30); SuperSport Utd vs Royal AM (Lucas Masterpieces Moripe Stadium, ePitoli, 19:30)

NgoLwesithathu (Okthoba 5):AmaZulu vs Richards Bay (Moses Mabhida Stadium, eThekwini, 17:00); Swallows vs Kaizer Chiefs (Dobsonville Stadium, Soweto, eGoli, 19:30)

NgoLwesihlanu (Okthoba 7): SuperSport Utd vs Sekhukhune United (Lucas Masterpieces Moripe Stadium, ePitoli, 19:30)