
UMNYANGO wokuThuthukiswa kwamaBhizinisi amaNcane kuMasipala weTheku usebenzise imali engu-R1.2 million ukunikelela osomabhizinisi abangu-83 abancane abasebenzela ezindaweni eziseNanda, Ntuzuma naKwaMashu ngabakudingayo.
Kuhlomule kakhulu osomabhizinisi abasemkhakheni wokwakha, abaphekayo, abanezitolo kanye nabakhiqiza izimpahla zokugqoka. Bathole izinsiza kusebenza kuzo okubalwa izitofu, iziqandisi, imshini yokuthunga, imshini yokugunda utshani nokunye. UNks Tholakele Msomi ongomunye wosomabhizinisi abahlomulile, uthe umnikelo uzokwenza umehluko ebhizinisini lakhe. Ekhuluma emcimbini obusehholo lomphakathi elikwa-L KwaMashu, uthe uphelelwe amazwi okuchaza indlela ajabule ngayo. “Njengosomabhizinisi abancane, sithanda ukwedlulisa ukubona ngokukhunjulwa umasipala, nokuhlonishwa ngamagalelo wethu ekufukuleni umnotho wedolobha. Umasipala nalo mnyango basibuyisele ithemba thina banikazi bamabhizinisi amancane,” kusho uMsomi.
OyiBamba likaMqondisi-Jikelele kulolu phiko uNks Dominique Vincent, uthe lokhu kungena ngaphansi kohlelo lwe-Informal and Micro Entreprise Development Programme. Uthe bazama ukusiza osomabhizinisi ukuba belungise umonakalo odaleke ngenxa yeCovid-19. “Uhlelo luhlose ukuthuthukisa indlela okusebenza ngayo labo somabhizinisi, bakwazi ukuncintisana nabanye. Lubheke kakhulu kosomabhizinisi abasemnothweni ongahlelekile nabemifelandawonye,” kusho uVincent. UNks Ayanda Chiliza oyimenenja yophiko olubhekelela umnotho ongahlelekile ezindaweni zaseNanda, Ntuzuma naKwaMashu kumasipala, wamukele usizo wengeza ngokuthi labo somabhizinisi badlala indima ebalulekile emnothwni wedolobha.






