Odlule ezimweni ezinzima nomhlangano omqoka wosizo

0
94
UNks Thandeka Zuma ohlele ingqayizivele yomcimbi eThekwini

OWESIFAZANE odlule ezimweni ezinzima zempilo kodwa waphokophelela, wagcina esephumelele uhlele umhlangano osemqoka nokungangabazeki ukuthi nawe uzophuma welaphekile.

UNks Thandeka Zuma ongumphathi nomsunguli wenkampani, iBoc Lady Creations pty Ltd, odlule ezimweni ezinzima uthe, ngomhlaka Julayi 30, 2022 uhlele umbuthano wenkulumo-ngxoxo lapho kuzobe kucotshelwana ngamasu okwedlula ezimweni ezinzima, ebizwa ngokuthi yiKings and Queens Fix each other’s crown, lapho bezobe becobelelana ngolwazi, baphinde bakhulume nangezinkinga ezibhekene no muntu nje.

Phakathi kwezihloko okulindeleke ukuthi kugxilwe kuzo kulombuthano okubhekeke ukuthi uqale ngo-10.30 ekuseni eBlue waters hotel, eThekwini, kubalwa izinkinga ezidalwa wudlume lobulili, yizindlela zokuthi siyikhulisa kanjani siphinde siyitshale kanjani imali yethu singalahlekelwa.

Ukubhalansisa ibhinizinisi nekhaya, izindlela zokukhulisa ingane, okwezempilo, izindlela zokuthuthukisa izindawo esihlala kuzo kanye nomphakathi, sikugwema kanjani ukuba nokhwantalala nengcindezi uma izinto zingahlangani kanye nokucobelelana ngolwazi lokuthanda impilo okungaba ezothando kwabashadi, abathandanayo nje noma emindenini.

“Silindele abantu abanamabhizinisi, abafisa akhule nasebephumelele  basicobelele ngolwazi asebe nalo. Umuntu othi mina angisazi ukuthi ngiyenzenjani lengane noma othi ngifisa ukungahlulwa ingane yenze lokhu okulungile. Osèthi mina angisaboni ngiphuma kulobudlelwane obungihlukumezayo, sengiyesaba. Osafuna ukulungisa umuzi noma nabomndeni wakhe  Ofuna ukulolonga umzimba wakhe ahlale ephilile nokunye okuningi,”kusho uThandeka.

Ngokusho kwakhe lona kuzobe kuwumcimbi wokuqala ukuwenza umcimbi okanjena , kodwa uwumuntu okuthandayo ukusebenzisana nomphakathi kanye nentsha. “Okubalulekile ngalomcimbi ukuzolapha imiphefumulo ngoba inyama vele isihlukumezekile kwabaningi kodwa ngiyakholwa ukuthi inyama iyaphola kodwa umphefumulo ne ngqondo kusalela ngemuva. Mina ngiwomunye wabesifazane abadlulile ezimweni ezinzima kodwa ngaphokophelela okuzongiyisa phambili nempilo ngoba ayimile,”usho kanje.

“Bonke abafisa ukuza emcimbini , uzoba sehhotela iBlue Waters, eThekwini,  mhlaka 30 Julayi. Kuzoqalwa ngo 10:30 kuzoba netiye bangakhathazeki ngesidlo sasekuseni , Sinama sineziphuzo zokwamukela abangenayo bese siba nesidlo sasemini. Ngeminye iminingwane bangangishayela ku 0814214663 . Amathikithi u R450 umuntu emunye. Kukhona I account yase capitec ekufakwa kuyo imali ye thikithi. Azotholakala kugcina mhlaka 28 July,”kucacisa uThembeka.

Uphinde wagcizelela ukuthi kulomcimbi balindele abantu abazofunda baphinde basicobelele ngolwazi nabafuna ukukhula nje emplweni . “Kulomcimbi sizobe sibophele kakhulu kwezobumnandi (entertainment) sinabaculi abanjengo Menzi woZalo ehambisana ne The new sound of SA,  Misslevel , Cheez Intemnandi Poet, Monolog , Mlu Ninela we gospel,  Zakwethu Ndlovu wo Hlaka,  Happiness ingoma, abadansi be Cha-Cha .

Phakathi kwezikhulumi eziqavile sibophele uPastor Nzonzo we Highway, uCindy fitness coach, uNonku Mapisa we (Mapisa foundation), uJimmy Magubane weDurban Gen. Uhlelo lonke kulindeleke ukuthi lushayelwe uMthunzi Xulu umsakazi weMbokodo fm no Mamsy Mjwara Intokozo fm,”kuphetha uThobeka.