
ISIKHUNGO esengamele ukhetho i-Indipendent Electroral Commission (IEC) isamile ekutheni ukhetho lohulumeni basekhaya luzoqhubeka, ithi nakuba ithola imibono eminingi nsuku zonke ngesinqumo okumele sithathwe kodwa kunombuzo okusenzima ukuwuphendula mayelana nalo.
Lo mbuzo uhlobene nokhetho olukhululekile nolunobulungiswa, kubhekwa ukuthi ingabe amaqembu azogculiseka ngemiphumela nokuthi abantu bazothola lonke ulwazi abaludingayo, ukuze bezovota kahle njengoba izinhlelo eziningi zokhetho zisaphazamisekile ngenxa yemigomo yomvalelandlini. Nakuba esemaningana amaqembu asephumele obala ngokuthi kuhlehliswe ukhetho kuwo okubalwa i-IFP, EFF, UDM namanye, kodwa i-IEC ithi kusenzima ukuthi kungathathwa isinqumo manje njengoba kulandelwa imithetho ngokhetho egunyazwa uMthethosisekelo wezwe. U-Advocate Dikgang Moseneke obekade eyiDeputy Chief Justice okunguyena owamukela imibono ngokhetho, uthe bayayihlonipha yonke imibono abayitholayo. Uthe sebenqume ukunika ongoti bezempilo ithuba lokubeka imibono yabo ezochaza kabanzi ngesimo izwe elisabhekene naso. “Sifuna besisize siqonde kangcono igciwane, sazi ukuthi isimo siyobe sinjani ngo-Okthoba. Sifuna bephinde benabe nangodaba lomgomo nokuthi isiphi isikhathi lapho kuyobe sekugome khona abantu abanele okuzokwenza ukuthi igciwane lingabe lisaba nobungozi obuxakile,” kusho uMoseneke.
UMnuz Vusi Khoza onguSihlalo we-EFF KwaZulu-Natal, uthe leli qembu likholwa ukuthi ukhetho ngeke lube nobulungiswa ngoba amaqembu awasitholanga isikhathi esanele sokukhankasa. Uthe abasho lokhu ngoba besabela ukwehlulwa, kodwa bakholwa ukuthi ukhetho kumele lube nobulungiswa. “Izwe lisanda kubuyiselwa kuLevel 4, awukwazi ukuqinisa imigomo ekubeni uthi ukhetho aluqhubeke. EThekwini kukhona amawadi amabili angakawakhethi amakhansela ngenxa yeCoronavirus, lokhu kwenza kube nzima ukuthi siqhubeke nokhetho lwango-Okthoba ekubeni lungakaphothulwa olokuchibiyela,” kusho uKhoza. I-IFP nayo iyakugxeka ukuqhubeka kokhetho. UMnuz Mkhuleko Hlengwa okhulumela i-IFP, uthe baphoxekile ngokuthi uMengameli akashongo lutho ngokhetho ngenkathi ememezela ukushintshwa kwemigomo yomvalelandlini. Uthe bebelindele ukuthi kuzomenyezelwa ngezinhlelo zokuvikela izakhamuzi uma ukhetho lugcine luqhubekile. UMnuz Nhlakanipho Ntombela okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uthe uKhongolose ululungele ukhetho futhi usuqalile ukuvuselela izinhlelo zawo emagatsheni. Uthe bazolandela imigomo yomvalelandlini ehambisana nezeluleko zongoti bezempilo nososayensi. Uthe sebelinde isinqumo esizokhishwa i-IEC kodwa abanalo uvalo.
Umholi we-One SA Movement uMnuz Musi Maimane yena uthi ukhetho kumele luqhubeke njengoba bekuhleliwe. Uthi isizathu salokhu ukuthi le nhlangano ifuna kushintshwe abaholi abangenzi kahle komasipala, uthi isimo somasipala sinobungozi obukhulu ukwedlula obeCovid-19 ngoba abantu abazitholi izidingo. OyiSikhulu esiPhezulu se-IEC uMnuz Sy Mamabolo, uthe i-IEC isilulungele ukhetho kodwa iyakuqonda ukubaluleka kokuvikelwa kwezakhamuzi kuleli gciwane. Uthe bazosebenzisa imibono abayitholile ukuthatha isinqumo ngoba bahlose ukuthi sibe nobulungiswa kuzo zonke izinhlaka ezithintekayo. “Ngeke siphoqe ukuthi kube nokhetho. Silinde umbiko ozoqhamuka kuMoseneke, sizowucwaninga ebese sikhipha owethu ozobe usuchaza ukuthi ukhetho luzokwenzeka noma cha. Asikho isinqumo esisasithathile, asifuni ukuba nesandla ekufeni kwabantu abaningi,” kusho uMamabolo.






