
IQEMBU lomculo wokholo laseMlazi eningizimu yeTheku elibunjwe amalungu akuleli lokishi lithi ukuqokwa kwalo kumaSABC Crown Gospel Music Awards kusho lokhulu kulona futhi alingabazi ukuthi lizobuya nayo indondo.
Lokhu kuvele engxoxweni ebiphakathi kwaleli phephandaba noSakhile Thenjwayo umholi nomsunguli woMlazi Gospel Singers ngemuva kokuba libe ngelinye lamaqembu eliqokelwe emkhakheni waqembu acula ngaphandle kwezinsimbi, kulomqhudelwano wezindondo okuzoba ngunyaka ka-14 wenziwa ngenkulu impumelelo ngaphansi kwesandla somsunguli wowo, uZanele LaMbokazi Nkambule.
“Ukuqokwa kwethu kusho lukhulu, futhi kube yintokozo enkulu. Lokhu kukhombisa ngokusobala ukuthi likhulu iqhaza esilibambile emphakathini.
Futhi asingabazi ukuthi sizobuya nayo indondo, “kusho uThenjwayo iqembu lakhe eliboshelwe emkhakheni weBest Acappela naBakhethwa Gospel Singers, i-JTG Gospel Choir kanye ne-NUZ Voices of Joy yakhona eMlazi.
Kulomqhudelwano abawinile umcimbi wawo ozokuba ngoNovemba 12, e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini, kusihlwa, uMlazi Gospel Choir ungene ngengoma ethi, “Moya weNkosi”, Abakhethwa baqokwe ngengoma ethi,”Kusuk’Emandulo”, i-JTG Gospel Choir itonyulwe ngengoma ethi, “Sodoma neGomara” bese kuthi, i-NUZ Voices of Joy yaqokwa ngenoni lengoma yalo ethi,”Similapha Nkosi”.
UMlazi Gospel Singers obophele amalungu angu-35 uliqembu lomculo wokholo elisungulwe nguThenjwayo ngo-2016.
Leliqembu selikhiphe ama-albhamu amabili, iMasisondele Kuwe Nkosi kanye eqanjwe ngesihloko esithi, “Umoya weNkosi ukhona”.






