KULINDELEKE ibhola elinkosi phakathi emqhudelwaneni weDStv Compact Cup okuboshelwe kuwo izihlabani zamaqembu ahlukene agijima kuDStv Premiership ozoqala ngalo Mgqibelo, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngo-3 ntambama bese kuthi ifayineli yawo ibe seFNB Stadium eGoli ngoMgqibelo ozayo.
I-DStv Compact Cup esanda kusungulwa izoba phakathi kuka-22 no-29 January 2022 futhi izohlanganisa amaqembu amane ezifunda; amabili aqhamuka eqenjini eliphakathi nezwe, okuyiDinaledi FC kanye namaWarriors FC, kanye namaqembu amabili asogwini akwi-Coastal United ne-Amabutho FC.
Abadlali nethimba labaqeqeshi abaqokelwe ukubamba iqhaza kulomqhudelwano wendebe ezodlalelwa njengoba kuseyikhefu lesikhashana baqale ukwenza amalungiselelo omqhudelwano nokukhempa kuleli sonto njengoba umncintiswano uzoqala ngoMgqibelo.
Phakathi kwabadlali abanohlonze okulindeleke ukuthi babonakale kulomqhudelwano kubalwa abadlali ababili beSuperSport United neBafana Bafana uTeboho Mokoena noRonwen Williams, abazodlala kuDinaledi futhi bakleliswe njengabadlali ababalulekile ababambe iqhaza kulomqhudelwano.
Umdlali wasesiswini we-Orlando Pirates uDeon Hotto naye ungomunye wabadlali abaqokelwe ezikwatini yena uzobe elihlikihla ngaphansi kweqembu laWarriors FC. UKeagan Dolly weKaizer Chiefs, ozodlala noHotto, naye uphakathi kwabayisihlanu abahamba phambili ehambisana noThembinkosi Lorch.
Esinye isihlabani saseKapa uTaariq Fielies ngumdlali we-coastal oyigugu kunawo wonke kulo mqhudelwano. UFielies uzobe eyingxenye yabadlali ababoshelwe kuCoastal United. Kuleli qembu uzobe esebenzisana nozakwabo wamaCitizens, uThabo Nodada.
Kulindeleke ukuthi kubonakale nezinye izihlabani zabadlali abafana noGift Motupa, Augustine Mulenga, Siyethemba Sithebe noBuhle Mkhwanazi.Ezinye zezibabuli zabadlali ezibodshelwe kulomqhudelwano kubalwa u-Itumeleng Khune, uNjabulo Ngcobo, uNkosingiphile Ngcobo, uNjabulo Blom.
Iqembu Amabutho lona libophele izihlabani okubalwa kuzo uVeli Mothwa, u-Augustine Mulenga, uLuvuyo Memela kanye Thabo Qalinge abadlalela AmaZulu bese kuba unyazi lomdlali weRoyal AM uVictor Letsoalo.
Ngasohlangothi lwabadlali ababoshelwe kuDinaledi kubalwa izihlabani zabadlali beMamelodi Sundowns, uRushine de Reuck, uRicardo Goss, uGaston Sirino, uGift Motupa kanye noKermit Erasmus, kanjalo nabeSuperSport United okubalwa uTeboho Mokoena, uSipho Mbule kanye noLuke Fleurs.
Umdlalo wokuqala wokuhlunga amaqembu azodlala kwifayineli uzoba phakathi kweCoastal United neDinalezi ngo-3 ntambama bese kuba ngowama-Warriors namaButho wona ozokuba ngo- 6 ntambama. Yomibili lemidlalo izoba seMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Abanqobe lapha bazobhekana kufayineli eFNB Stadium, ngoMgqibelo, 29 Januwari.






