Kuzoshayeka abagibeli ngokukhuphuka kwentengo kaphethiloli

0
76

ISouth African National Taxi Council (SANTACO) KwaZulu-Natal isiziqalile izingxoxo mayelana nomthelela ukwenyuka kwentengo kaphethiloli okuzoba nawo embinini yamatekisi

UMKHANDLU wemboni yamatekisi iSouth African National Taxi Council (SANTACO) KwaZulu-Natal usuxolise kubagibeli ngemuva kokuba kuqale izingxoxo mayelana nokwenyuka kwemali yokugibela, uthi nakuba uzwelana nabo kodwa isinqumo sokwenyusa imali ngeke usibalekele.

Lokhu kuqhamuka ngemuva kokwenyuka kwenani lentengo kaphethroli nekadizili ngendlela okungakaze kwenyuke ngalo phambilini. Nakuba ukwenyuka kwemali kushiyana ngokwehluka kososeshini, kwabanye kuphele unyaka ingenyukanga, kodwa kulo nyaka kubukeka engathi izokwenyuka kubo bonke ngenxa yomonakalo weCovid-19 embinini. Imboni ibambe umhlangano wokuqala ngeledlule kudingidwa lona lolu daba. Okhulumela iSANTACO KZN uMnuz Sisiso Shangase, uthe asikho isinqumo esisathathiwe kodwa imboni kungenzeka inqume ukwenyuka kwemali yokugibela ngoba umthwalo usumkhulu  kodwa kuzobhekwa ukuthi zingakanani izidingo ngaphambi kokwenyusa imali. “Sekungaphezu kwamandla, ikakhulukazi njengoba uphethroli wenyuke ngemali enkulu kangaka, engakaze ijwayeleke. Lokhu kunomthelela omkhulu kwizithuthi zethu ngoba zidinga wona uphethroli ukuhamba zithutha abagibeli, zibahambise ezindaweni ezifanalekile,” kusho uShangase. Uthe kubalulekile ukuthi lokhu kubuyekezwe, ebese kuyaxoxwa ukuthi izidingo zimi kanjani ngokomsebenzi, imali ekhokhwayo, kanye nazo zonke izindleko imboni ebhekene nazo. Uthe umboni ayikwazi ukukushaya indiva ukwenyuka kwentengo kaphethroli ngoba yiwo onomthelela omkhulu ekusebenzeni kwemboni.

INationalo Taxi Alliance (NTA) nayo ikhala esifanayo neseSANTACO, ithi ukwenyuka kwentengo kaphethroli kuzogqilaza imboni ngendlela efanayo nabagibeli. Ithi izwelana kakhulu nabo kwazise abaningi sebedonsa kanzima njengoba sekwenyuke nentengo yokudla ezitolo nentengo yezinye izindleko. UMnuz Theo Malele okhulumela iNTA, uthe uhulumeni kumele elufakele izibuko udaba lokwenyuka kwentengo kaphethroli ukuze kuzoqinisekiswa ukuthi abantu abafakwa ngaphansi kobubha. Uthe njalo uma kwenyuka intengo kaphethroli imboni yamatekisi kuba iyona ekhahlamezeka kakhulu. Isazi sezomnotho uMnuz Dale McKinley, uthe ukwenyuka kwentengo kaphethroli kuzogqilaza izakhamuzi noma sezidinga izidingo ezifana namanzi nogesi ngoba kuzokwenyuka imali yokuzihlinzeka ngakho, okusho ukuthi kokubili sekuzomba eqolo. Uthe umthelela wakho uzoqala ukubonakala ezinyangeni ezimbalwa ezizayo.