
UMNYANGO wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal usuhlanganise ikomidi elizobhekelela ukuqanjwa kwezindawo ngokusebenzisa amagama azo angempela esiZulu, lizosebenzisana nohulumeni basekhaya ukushintsha amagama ayeqanjwe ngomlando wabamhlophe.
Leli thimba lethulwe ngokusemthethweni uNgqongqoshe womnyango uNks Hlengiwe Mavimbela, oveze ukuthi omunye umsebenzi walo kuzoba ukufundisa imiphakathi ngezinhlelo elizoziqhuba ngokusebenzisana nomasipala. Lizobhekelela nokubhalwa kwamagama ezindawo ngendlela efanele. UMavimbela uthe leli komidi kumele lingawubukeli phansi umsebenzi walo ngoba uzobuyisa isithunzi sezakhamuzi zakulesi sifundazwe. Uthe umsebenzi wekomidi uzolungisa umonakalo owadalwa uhulumeni wobandlululo ngokuphuca abantu amalungelo namasiko wabo, okwenza ukuthi izindawo zagcine ziqanjwe ngabacindezeli ababevela kwamanye amazwe. Uthe ukucindezeleka kwabantu yikho okwakholela ekuphasisweni komthetho iSouth African Geographical Names Council Act of 1998. “Usemningi umsebenzi osimele KwaZulu-Natal njengoba ziseziningi izindawo ezinamagama okumele eshintshwe. Uma sesikwenzile lokhu kuzobuya ukuzigqaja kubantu bakithi,” kusho uMavimbela.
UMnuz Thanduxolo Sabelo onguSihlalo waleli komidi, ubonge ngethuba alinikiwe wathembisa ukuthi lo msebenzi bazowenza ngesizotha nokuzimisela. Uthe kusemqoka ukuthi abantu bezazi ukuthi baphumaphi, wathi ukushintshwa kwamagama obandlululo kuzokhumbuza abantu bakulesifundazwe ukuthi bangobani. “Sithanda ukubonga ngokuthi uhulumeni uyaqhubeka nokucima umlando ohambisana nobuhlungu obukhulu owashiywa uhulumeni wobandlululo. Izindawo zakithi ziyakudinga ukuba zibizwe ngamagama ayeqokwe obabamkhulu bethu, ngiyavumelana nongqongqoshe ukuthi leli gxathu lizobuyisa isithunzi sabantu bakithi,” kusho uSabelo. UMavimbela uthe wonke umuntu unendima okumele eyidlale ekubuyiseni isithunzi sabantu abamnyama, kufundiswe izingane ngamasiko, amaciko kanye nomlando wesizwe. Uthe lokhu kuhambisana nokuzifundisa ukuthi amagama ezindawo aqhamuka kuphi. Uthe ukufunda ngomlando kuzophinde kugqugquzele ukukhulunywa kwezilimi zesintu.






