
KUBOSHWE abasolwa ababili abaneminyaka ephakathi kuka-23 no-25 ubudala ngezinsolo zokwebiwa kwamabhokisi amane kwemishanguzo kanye ne-Apple iPhone eRiverhorse Valley, eThekwini, ekuqaleni kwenyanga edlule.
Ngokusho kwesitatimende esithunyelwe kwabemithombo yezindaba, okhulumela amaphoyisa ezingeni lesifundazwe, uKapteni Nqobile Gwala, ukuboshwa kwabasolwa kulandela icala lokweba elivulwe ummangali esiteshini samaphoyisa eNewslands, entshonalanga yeTheku. “Ummangali usole ukuthi phakathi komhlaka-3 no-4 Novemba 2021 wayesemsebenzini eRiverhorse Valley (eThekwini) ngesikhathi ethola amabhokisi amane emithi anamaphilisi e-Mylan Alprazolam,”kusho uKapt. Gwala. “Kuthe lapho eselungisela ukwaba amabhokisi ngokulawula komsebenzi wosuku, waphawula ukuthi wonke amabhokisi ayentshontshiwe. Wabheka yonke indawo kodwa wangawathola amabhokisi. I-Apple Ipad iphinde yebiwa namabhokisi. Kwavulwa icala lokweba esiteshini samaphoyisa eNewlands ,”kuqhuba uKapt. Gwala.
“Izolo (NgoLwesine olwedlule), ithimba leProvincial Trio Task Team lilandele imininingwane mayelana nemithi eyebiwe. Imininingwane iholele ithimba eWiggins eCato Manor lapho kutholwe khona i-Apple Iphone. Olunye uphenyo luholele amaphoyisa ehostela laKwaMashu lapho kutholwe khona imishanguzo engu-61 yeMylan Alphrazolam edume ngelikaXanax,”usho kanje. Umsolwa oneminyaka engu-23 ubudala uboshiwe. Omunye umsolwa oneminyaka engu-25 ubudala uboshwe lapho ayesebenzela khona okwebiwe kuyo imithi. Bobabili abasolwa silobe kulindelindeleke ukuthi bavele enkantolo kuleli konto ngamacala okweba.






