
KUSUKE esinamathabo emahhovisi akwaSASSA aseMaweleni, eMlazi, ngenkathi abantu abebeyofuna usifo kuwo befuna izimpendulo ngokungasebenzi ngendlela kwala mahhovisi.
Abantu baqale ukukhononda ngoLwesithathu olwedlule kwaze kwabanguLwesine besho nokuthi abaqondi ukuthi kungani kuzomele bachithe izinsuku eziningi beqhinqe kolayini ukuze bezogcine besizakele.
Bebekhala ngokuthi kula mahhovisi bahlale betshelwa ukuthi kushoda abasebenzi, okwenza ukuthi begcine bephindeselwe emuva. Okubacasule kakhulu ukuthi kula mahhovisi kugcina ukuthathwa abantu abazosizakala ngosuku ngalunye ngo-8 ekusebeni, bathi bafuna ukwazi ukuthi abasebenzi basuke benzani usuku lonke uma begcina ukuthatha abantu ekuseni.
Bathi lokhu sekuholele ekutheni abaningi bengene ezikweletini ngoba baphoqeleka ukuthi beye bephindelela kula mahhovisi. Bakhala nangokuthi usuku nosuku akwamukelwa abantu abasha kepha kuqalwa ngabantu abasuke besale ngezinsuku esezedlule, okuphoqa ukuthi umuntu aye izinsuku zilandelana kula mahhovisi ukuze ezogcine esizakele.
Owesimame ongathandanga ukuzidalula igama, uthe uqale ukuza kula mahhovisi kusukela emasontweni amabili edlule. Uthe okumcasula kakhulu ukuthi abasebenzi abatshengisi ukuthi bayawazi umsebenzi abawenzayo ngoba banikwa imiyalelo ehlukene nsuku zonke. Uthe ufisa kungenelele umnyango ngokushesha.
“Uyafika namhlanje bakutshele ukushi kushoda ukuthi, ufike ngakusasa bakutshele ukuthi kushoda okunye. Uma usufikile usukuphethe konke utshelwe ukuthi sekugcwele. Ngifike ngo-5:20 ekuseneni kodwa uma sekuvulwa kumenyezwa abantu abebefike ngayizolo, kuthiwa banezitembu zokungena,” kusho lo wesimame.
Ukhale ngokuthi ukuya bephindelela kula mahhovisi ekuseni ngovivi kubeka izimpilo zabo engozini ekubeni begcine bengasizakalanga. Uthe bakhathazekile ngoba lokhu kwenzeka kuleli hhovisi kuophela, wasola ukuthi ukuhlukumezeka abahlangabezana nakho kungenxa yokuthi abathathi entweni.
Omunye naye ongathandanga ukuzidalula igama, uthe ukushoda kwabasebenzi akumele kube umthwalo wabantu abasuke bezofuna usizo kula mahhovisi. Ubuze ukuthi kungani kungaqashwa abantu abazovala izikhala ngoba baningi abantu abasha abaneziqu abangasebenzi.
“Ingicasula kakhulu lento yokutshelwa ukuthi sekugcwele, abasekho abantu abazokwamukelwa ngo-8 ekusebeni. Kanti kusetshenzwa ndlelani uma kuzogcwala ngo-8 emahhovisi kahulumeni ekubeni evalwa ngo-4 ntambama? Abasebenzi basuke benzani usuku lonke,” kubuza lo wesimame.
AbakwaSASSA sebenxuse bonke abahola izibonelelo ukuba begweme ukulala ngaphandle kwamahhovisi akwaSASSA ngoba befisa ukuba ngabokuqala abasizakalayo. Kwisitatimende esithunyelwe kwabezindaba, iSASSA ithe ukuphepha kwabantu yikho okumele kuhambe phambili.
ISASSA ithe abantu abayofuna usizo emahhovisi wabo kumele baphathe omazisi, izitifiketi zokuzalwa zezingane, isitatimende sezinyanga ezintathu sasebhange, incwadi echaza ngenani lomholo, incwadi efakazela indawo yokuhlala. Labo abayofuna usizo ngesibonelelo sabaphila nokukhubazeka kumele balindele ukuhlolwa.
Ithe abahambise yonke imininingwane edingekayo kodwa sangaphasa isicelo sabo bangakwazi ukufaka isicelo sokubuyekezwa kwesinqumo kwi-Independent Tribunal zingakedluli izinsuku ezingu-90. Bangashayela nakwihhovisi lakwaSASSA lesifundazwe ku-033 846 3400 noma elikazwelonke ku-0800 60 10 11.






