
USUFINYELELE naKwaMashu enyakatho yeTheku umkhankaso wokwelekelela izinhlangano ezingenzi nzuzo ezisebenzela umphakathi oqhutshwa yinkampani yezokubheja, iHollywoodbets.
Lomkhankaso iHope Is Power usungulwe ngemuva komonakalo odalwe yizibhelu, kwanikelelwa inhlangano yomphakathi, Ukukhanya kweSizwe Community Project ngezijumbana zkudla nezinye izinsiza zansuku zonke. Le nhlangano iqokelwe ukuthi ihlomule kulo mkhankaso ngenxa yezinhlelo zayo zokulekelela ekuhlomiseni intsha ngamakhono okuziphilisa, ezokuvikela nokuthuthukisa izingane nabantu besifazane kane nezikhuthaza ukunakekelwa kwemizimba. Isiza izakhamuzi zaKwaMashu nemiphakathi esondelene nawo. UNks Joyce Msomi onguMsunguli wenhlangano, ubonge abakwaHollywoodbets ngomnikelo, wathi uzoba usizo njengoba sebebaningi abantu abaxhumana nabo ngenhloso yokusizakala ngezinsiza zansuku zonke. Uthe le nhlangano izibophezele ekuguquleni isimo senhlalakahle emndenini edonsa kanzima. “Sibonga kakhulu kwiHollywoodbets ngokusinikelela ngamaphasela okudla esikudinga kakhulu ngalesi sikhathi. Sikholwa ukuthi uhlelo lwethu luzofinyelela kubantu abaningi ngoba sibaningi esixakekile ngenxa yokwenzekile. Inhlangano izoqhubeka nokusebenzela umphakathi ngokuzikhandla,” kusho uMsomi.






