
UMKHAKHA wezenkolo ugqemeke ingozi engeqiwa ntwala ngemuva kokushona ngokukhulu ukuzuma kwezinjulalwazi kwezevangeli ebezibambe iqhaza elikhulu esikhungweni esicija abefundisi kwezenkolo, iHoly Nation Bible Centre International , enekomkhulu ePinetown, entshonalanga yeTheku.
UDkt. Mphathiseni Simon Mthembu benoDkt. Bhishobhi Thembitshe Alpheus Mtolo bashone ngokulandelana. UDkt. Mtolo obenomuzi eNewlands ushone ngoMsombuluko ntambama, uDkt. Mthembu obenomuzi KwaDabeka ngaseKranskloof, ushone ngezikhathi zantambama ngoLwesibili. Bobabili bebebambe elikhulu iqhaza eHoly Nation Bible Centre International kanye nasebandleni iChristian Fellowship Church in South Africa ngaphansi kokubuholi bukaSolwazi Archbishop JM Ncube. Ngaphandle kokuba ngothisha ekolishi lezenkolo bebebuye babe seBhodini yamabandla iConfederation Christian International (CCI) okuyibhodi esiza kakhulu amabandla ezenkolo ahlukene.
Egameni le Holy Nation sibuhlungu kakhulu ngokuhanjelwa Dokotela Mtolo benoDokotela Mthembu. Iqhaza kade belibambile likhulu kakhulu. Isikhala sabo sisele asazi sizovalwa ubani, kodwa uJehova uyazi. IHoly Nation ikhona iKwaZulu-Natal yonke, yibona abebehambela wonke ama Branch ethu ukuyofundisa noma sinemicimbi yokwethwesa iminyezane. Bebeyisandla esikhulu sika Mphathi wethu Baba Prof J.M.Ncube. Abafundi abaningi abanye sebaqeda ukufunda abanye basafunda, bebenekhono elikhulu lokukhuthaza abafundisi ukuba bazo bazohlola izwi eHoly Nation Bible Centre International. Sengathi imindeni yabo ingaduduzeka ayilahlekelwe yodwa,” kusho uNkk Lindy Nxele obhekele ezokuphatha ekolishi iHoly Nation.






