
ZISADIDEKILE namanje izakhamuzi ezihlala emjondolo eyehlukene esezindaweni zaseThekwini ngokwanda kwezigameko zokuqubuka komlilo ezikhathini eziningi eyedlula nemiphefumulo, iphinde ishiye imindeni ingenalutho, kodwa kuze kube yimanje ayitholakali imbangela yakho.
Lokhu kuqhamuka ngemuva kokushona kwabantu ababili esikhathini esifishane emijondolo ngenxa yokuqubuka komlilo. Umlilo wokuqala uqubuke emjondolo waseSiyanda B, KwaMashu, omunye waqubuka emijondolo yaseMarikana eCator Crest. KwaMashu kushone oyedwa, eCato Crest kwashona oyedwa, kuzo zombili lezi zigameko kushe abantu kanzima. Inhlangano emele abantu abahlala emijondolo i-Abahlali Basemjondolo ikhala ngokuthi lezi zigameko ziyaqhubeka ngenxa yokuzitshwa kwezikhalo zabantu abahlala emijondolo. UMnuz Qaphelo Bonono oyiPhini likaMengameli wale nhlangano, usole ukuthi umlilo uqubuke ngenxa yogesi oxhunywe ngokungemthetho. “UMasipala weTheku siwubeka icala ngoba awufuni ukuxhumela izakhamuzi ugesi. Sibuza ukuthi umkhundlu ufuna kuze kushone abantu abangaki emjondolo ukuze uzokwazi ukuthi afakele abantu ugesi? Siyezwa ukuthi naKwaMashu kukhona udadewethu okhubazekile oshile, wangqongqa endlini wumlilo,” kuqhuba uBonono. Uthe uhulumeni kumele usondele kubantu, wanxusa kubantu abangaba namandla ukuba belekelele imindeni esale dengwane ngenxa yokuqubuka kwale mlimo. Uthe umasipala kumele uphinde usondele ngohlelo lawo lweDisaster Management ngoba kuningi okuzodingwa abashelwe impahla yabo.
UMnuz Msawakhe Mayisela okhulumela umasipala, uthe izigameko ezifana nalezi ziyaqhubeka nokwenzeka ngenxa yabantu abazidlela umhlaba okwenza kube nzima ukubahambisela izidingongqangi. “Asinawo amandla okuthi uma abantu bedle umhlaba ebese siphuthuma masinyane sihambise izidingongqangi. Ukudliwa komhlaba asikuqonde ukuthi kuvimbela intuthuko. Asikuyeke ngoba kwenza nomsebenzi wethu siwuhulumeni ukuthi ube nzima kakhulu,” kusho uMayisela. Unxuse izakhamuzi ukuba zibekezele, wathi umasipala uyakuqonda ukuthi bayayidinga indawo kodwa akumele bezidlele umhlaba. Kulesi sigameko saseCator Crest, uMayisela uthe umasipala awukakazi ukuthi umlilo ubangwe yini kodwa ngeke bengasoli ukuthi kwenzeke ngenxa yesenzo sokuxhunywa kogesi ngokungemthetho. Ngemuva kwezingxoxo ezinde, ubuholi bale nhlangano bukazwelonke ngokubambisana nekhansela laseCator Crest bunikelele izakhamuzi ezishelwe izindlu nempahla yazo ngezingubo zokulala kanye namaphasela okudla.






