Kukhuthazwa izakhamuzi ngokubhalisela ukugoma

0
44
Siqhutshwa ezindaweni ezehlukene eziseningizimu yeTheku isigaba sesibili sohlelo lokugomela iCovid-19. Lapha kuthathwe abasebenzi boMnyango wezeMpilo wesifundazwe belekelela izakhamuzi eLamontville Anglican Church

AKEKHO osazovunyelwa ukugonela iCovid-19 uma engakaze akubhalisele, uMnyango wezeMpilo ukhuthaza izakhamuzi ukuba zibhalisele lolu hlelo ngezindlela ezifanele ukuze zingeke ziphoxeke uma sezifike ezikhungweni ezisemthethweni zokugomela leli gciwane.

Wonke umuntu obebhalisile kumele eqinisekise ukuthi uyasigcina isikhathi nosuku abekelwa lona. Nakuba isigaba sesibili singeke samukele abantu abaziyela ezikhungweni bengabiziwe, umnyango uthi kungase kuxegiswe lokhu kodwa kuzokwamukelwa kuphela abantu abaneminyaka engu-60 kuya phezulu. Lokhu kuvele ngenkathi kuqala isigaba sokuqala sokugomela leli gciwane eKing Zwelithini Stadium, eMlazi muva nje. Abasebenzi bomnyango bebeyohlola isimo ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi konke obekuhleliwe kuhamba kahle. Bahambele ezindaweni ezehlukene okugonyelwa kuzo eziseningizimu yeTheku.

Kuqala isigaba sesibili nje, umnyango ubungakasiqedi esokuqala sokugoma abasebenzi bezempilo, abelaphi bendabuko kanye nabasebenza emakhazeni. UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal uNkk Nomagugu Simelane-Zulu, uthembise ukuthi umnyango uzosebenza ngokuzikhandla ukuze kuzophothulwa. “Sisebenze ngokuphindaphindiwe kusukela emalangeni ambalwa edlule. Sekugome cishe u-55% wabasebenzi bezempilo basezikhungweni zikahulumeni kanye no-60% kwezizimele. Lolu hlelo lusazoqhubeka kodwa ngeke luphazamise isigaba sesibili,” kusho uNgqongqoshe. Abantu bazokwaziswa ngemiqhafazo usuku nesikhathi sokugoma, kanjalo nesikhungo abazogomela kuso. UNgqongqoshe wezeMpilo kazwelonke uDkt Zweli Mkhize, uthe uma uke walugeja usuku obekelwe lona, uhlelo luzokubuyisela emumva ohlwini lwabazogoma. “Uma usugeje kwaze kwaba kathathu kuzophoqeleka ukuba ubhalise kabusha, ungashayela uphiko lweCovid-19 emnyangweni noma uye esikhungweni osondelene naso,” kusho uMkhize ngemuva kokuhlola isimo eRoyal Showgrounds, eseMgungundlovu okungenye yezindawo okugonyelwa kuzo.

Kuphinde kwavela ukuthi uhulumeni uhlose ukugoma abantu abangu-5.5 million kulesi sigaba esizobhekelela abantu abanezifo ezingamahlalakhona kanye nabantu abadala. Okwamanje bangaphezudlwana kuka-2 million ababhaliselwe ukugoma. Kulesifundazwe kuzogoma abangaphezu kuka-900 000. UMkhize uthe kusemqoka ukuthi abantu bekubhalisele ukugoma ngoba kumele kugcinwe imininingwane ephelele ngohlelo lokugoma. “Kuzosiza ekuqoqeni imininingwane yabantu abagomile, kube lula nokulandelela ukuthi umgomo ubaphatha kanjani,” kusho uMkhize. USimelane-Zulu uthe umnyango uhlose ukugoma abantu abangu-30 000 ngosuku ngalunye. Uthe nakuba okwamanje kusasebenza izikhungo ezingu-27 zokugoma kodwa zizoba ziningi uma seluqhubeka ngokugcwele uhlelo lokugoma. Uthe bakholwa ukuthi baningi abasazobhalisela ukugoma. “Silungise izindawo ezingu-689 okuzogonywa kuzo. Kuzoba izikhungo zezempilo, amahholo omphakathi, nezinye izakhiwo zikahulumeni. Kulesi sigaba esiqalayo sizophinde sihambele amakhaya wabadala angu-41, kuwo sizogoma abantu abangaphezu kuka-3 000,” kusho uNgqongqoshe.