Kugqame ithalente kwimidlalo yeshashalazi

0
111

I-Ekhaya Multi-Arts Centre eKwaMashu igubhe I-Africa Month ngemidlalo yeshashalazi, umculo nomdanso

KUKHUTHAZWE izakhamuzi ukuba zizigqaje ngemvelaphi yazo, zikwazi ukwehlukanisa phakathi kokuhle nokubi okuphazamisa indlela yokuphila yabantu abamnyama ngenkathi kubungazwa i-Africa Day emcimbini obuse-Ekhaya Multi Arts Centre eKwaMashu.

Kulo mcimbi i-Africa Motherland Festival, kuphinde kwakhuthazwa izakhamuzi ukuba zamukelane ngokwehluka kwamasiko nezinkolo. Izikhulumi zomcimbi zigxeke ukwanda kwezigameko zodlame olubhekiswe kwabokufika. Enye yezinto ebezibhekwe kuwo ukuthi iliphi iqhaza elingabanjwa abelaphi bendabuko ekulekeleleni uhulumeni ezinhlelweni zokulwa nokubhebhetheka kweCovid-19. Kulokhu abelaphi bendabuko bathole ithuba lokuphawula ngezifiso zabo nokuthi ikuphi abakholwa ukuthi kungasiza emiphakathini. UDkt Thulebona Mnyadi ongumelaphi wendabuko, uthe abantu kumele beqonde ukuthi abelaphi bendabuko belapha izifo eziningi kodwa abanawo amakhambi okwelapha zonke izifo. Uthe bayafisa ukubambisana nezinhlaka zikahulumeni kodwa awukho umgudu okhethekile abelaphi bendabuko abangawusebenzisa. “Abelaphi bendabuko abaphikisani namakhambi asebenzisa ulwazi lwezesayensi ekwelapheni izifo. Esikufisayo-nje ukuthi kuhlonishwe umsebenzi wethu ngoba kuningi esikwenzayo isayensi engeke ikwazi ukukuchaza. Asinikwe ithuba lokusiza abantu, umsebenzi wethu ungabukelwa phansi,” kusho uMnadi.

IPhini likaNgqongqoshe wezeMdlalo, amaCiko namaSiko uNks Nocawe Mafu, uthe ukholwa ukuthi abelaphi bendabuko bayingxenye ebaluleke kakhulu yomphakathi ngoba bahlinzeka izakhamuzi ngosizo lwezempilo olukhethekile. Uthe uhulumeni uyakwazi ukubaluleka kwabo, futhi uyawuhlonipha umsebenzi abawenzayo. Kulo mcimbi amaciko aqeqeshwa kulesi sikhungo, ahaye izinkondlo abhikla ingoma, aphinde alingisa emidlalweni yeshashalazi ebiveza izindlela ezehlukene izizwe zase-Afrika eziphila ngayo. Lena kube indlela yokufundisa izakhamuzi ngokubaluleka kokwamukelena emphakathini. INhloko yoPhiko lwezamaPaki, ukuNgcebeleka namaSiko kuMasipala weTheku uMnuz Thembinkosi Ngcobo, uthe umasipala uyakuqonda ukubaluleka kokuba khona kwabelaphi bendabuko emphakathini. Uthe i-Africa Month iveza kucace ukuthi kubaluleke kangakanani ukuhlonishwa kwelungelo labantu abakhetha ukuphila ngendlela yesintu. “Siyasihlonipha isintu kodwa siyakugqugquzela ukuthi abantu beye ezikhungweni zezempilo uma benezifo ezingelapheki ngamakhambi esintu. Ukuya emtholampilo akusho ukuthi ubudoda bakho sebuyantengantenga, kusemqoka ukuthi lezi zifo zelashwe ngoba ezinye zedlulisekela kwabane abantu kalula,” kusho uNgcobo.