Kudutshulwe kwabulawa amadoda amabili

0
192

KUDUTSHULWE kwabulawa amadoda amabili izidumbu zawo kanye nemoto okusolwa ukuthi abehamba ngayo okutholakale ezimobeni eTafuleni eNanda, enyakatho yeTheku ngoMgqibelo, ntambama.

Ngokusho kokhulumela abezimo eziphuthumayo enkampanini yonogada, iReaction Unit South Africa (RUSA), uMnuz Prem Balram, lamadoda amabili alinganiselwa eminyakeni engu-20 no-30 ubudala bathole umbiko ngezithuba zabo 3.59 ntambama ubazisa ngalesi sigameko. “Umshayeli wemoto uthinte iReaction Unit South Africa (RUSA) ngezithuba zabo-15H59 ngemuva kokubona abantu abebehamba ngeBMW emhlophe bevulela ngenhlamvu bebhekise kwiToyota Avanza emhlophe nezibhamu zohlobo oluphezulu,”kusho uMnuz Balram.

Kuthiwa iToyota Avanza ibisuka eNanda ilibangise eVerulam ngesikhathi kudlula iBMW yavulela ngenhlamvu, iToyota Avanza iphaphalazile yaphuma emgwaqweni yangena esimobeni. UMnuz Balram uthe, baphuthume ngokushesha endaweni enikeziwe. Ekufikeni kwabo, amaReaction Officers ahlangane nezikhulu zamaphoyisa kaMasipala. Uthe bangene esimobeni bathola iToyota Avanza cishe ngamamitha angu-50 ukusuka emgwaqeni. “Imoto ebihamba lamadda itholakale inezimbobo zezinhlamvu ezibalelwa ngaphezulu kuka-20. Bekungekho muntu emotweni,”kusho uBalram. Uqhube wathi amachaphazelo egazi abephansi nabehlukene imizila emibili yiwona ebaholele endaweni yesimoba ngezindlela ezihlukene. “Amaphoyisa alandele imigudu yegazi athola izidumbu zamadoda amabili abelimale kabi Imbangela yokudubula ibingakaqinisekiswa okwamanje.