
NGAPHEZU kokuthi iNanda ihambe phambili ngezigameko zokudlwengula iNingizimu Afrika yonke iminyaka emningi ilandelana, isiphinde yahamba phambili ngamacala okubulala izwe lonke.
Lokhu kuvele ngenkathi uMnyango wamaPhoyisa uveza izibalo zakamuva zobugebengu, ezethulwe uNgqongqoshe womnyango uMnuz Bheki Cele. EThekwini, Inanda, ihamba phambili ilandelwe Umlazi kanye neKwaMashu. Iphinde ihambe phambili ngamacala okuzama ukubulala, ilandelwe isiteshi saKwaMashu kwa-E. Emacaleni ahlobene nocansi nawokudlwengula iNanda ilandela ngemuva uMlazi. Ihamba phambili nangamacala okuthumba. UCele uchaze iNanda njengesihogo kwazise ilokhu ivele njalo ezindaweni ezihamba phambili ngezinhlobo ezehlukene zobugebengu. Uthe amaphoyisa adinga ukubambisana nomphakathi ukuze kuzonqandwa ubugebengu. “Amaphoyisa ayawenza umsebenzi wawo, ayazibopha izigebengu. Zikhona izigameko lapho edinga khona usizo ngolwazi olubalulekile ukuze ezobopha izigebengu. Abantu abangakwesabi ukusebenzisana namaphoyisa,” kusho uCele.
Amaqembu aphikisayo asegxeke uhulumeni ngokwenzeka kule ndawo, athi ukukhipha izibalo akusizi ngalutho ngoba azihambisani nezisombululo. UNks Sharon Hoosen okhulumela iDA ezindaweni zokuphepha komphakathi, uthe izakhamuzi zidinga izimpendulo. Uthe uNgqongqoshe wokuPhepha koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkz Peggy Nkonyeni, kumele echaze ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi kube nendawo edla lubi ngobugebengu ngendlela okwenzeka ngayo eNanda. “Abantu sebelahle ithemba emaphoyiseni, ikakhulukazi ngenxa yokwenzeka ngezibhelu zangoJulayi. Sekuphele isikhathi eside abantu bengaziswa ngokuboshwa kwababengumsusa wezibhelu,” kusho uHoosen. INkatha ithe izibalo ziveza ukuthi amaphoyisa ayehluleka ukulwa nobugebengu. UNks Zandile Majoli okhulumela i-IFP ezindabeni zamaphoyisa, uthe kuyacaca ukuthi amaphoyisa awanabo ubuholi obuwaziyo umsebenzi.
Uthe izakhamuzi sezikhathele nawukulinda ukuthi kulungiswe ingxabano ephakathi kukaCele noKhomishana wamaPhoyisa, uLieutenant-General Khehla Sitole, wathi lokhu isona sizathu esenza ukuthi kungahleleki emaphoyiseni. “Bazokwazi kanjani ukuqinisa umthetho emaphoyiseni uma bengahlangene njengobuholi? Sifuna ukuthi uCele ecele kuMengameli, uMnuz Cyril Ramaphosa, ukuba eqoke uKhomishana ofanelwe ilesi sikhundla,” kusho uMajozi. Ube esenxusa izakhamuzi ukuba zeseke izakhamuzi zodlame lobulili. Uthe uma kuyobikwa amacala, umphakathi kumele usebenzisane namaCommunity Policing Forum nezinye izinhlaka zezokuphepha. Inhlangano iPeople Opposing Women Abuse (POWA), ithi ayiqondi ukuthi kungani zingekho izinhlelo zokuvikela abantu besifazane. UNks Thandiwe McCloy okhulumela iPOWA, uthe abagculisekile ngezethembiso zikaCele ngoba azifezwa. “Usephenduke umsakazo odlala ingoma eyodwa. Abantu besifazane bahlale bethenjiswa ukuthi bazophepha kodwa izibalo zobugebengu zisho okunye, zisitshela ukuthi isimo siba sibi ukunaphambilini okusho ukuthi alukho ushintsho,” kusho uMcCloy.






