UMNDENI wakwaSilangwe elokishini eMlazi, esigcemeni sakwa-H usale ngezingubo obuzigqokile ngemuva kokuthi indlu enamakamelo amane isbe yangqongqa ngoLwesithathu olwedlule.
Ngokusho kukaNks Ayanda Silangwe okunguyena osebenzayo emndenini onamalungu angu-8 ohlala kulendlu uthole umbiko esemsebenzini ukuthi umuzi uyasha. Lokhu kwenzeke ngesikhathi amanye amalungu engaphakathi endlini kanti izingane ezimbili kubikwa ukuthi bezidlala egcekeni.
Ngokusho kuka-Ayanda ubesemsebenzini ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko, kodwa udadewabo omdala nomfowabo abebesekhaya ngaleso sikhathi bathi bekungekho muntu egumbini okuqale kulo umlilo. “Bebengazi nokuthi kushile endlini kwaze kwamemeza omakhelwane bethi igumbi liyasha,”kusho u-Ayanda.
Uthe, omakhelwane kanye nabezicishamlilo basize ukucisha umlilo kodwa abakwazanga ukuhlenga lutho endlini ngoba umlilo ubusumoshe kakhulu. “Silahlekelwe yikho konke, ama-unifomu ezingane, impahla yasendlini njengamathelevishini, izitovu, izingubo zokulala, ezokugqoka, kumanje sihambe siquba komakhelwane,” usho kanje. “Asinakho ukudla nezingubo, ingane eneminyaka emibili idinga namanabukeni. Siyethemba ukuthi sizokwazi ukwakha kabusha ikhaya lomndeni wethu.
Okwamanje besicela noma ubani ongafaka isandla noma yingothayela ukuze sikwazi ukwakha okungenani ikamela elilodwa ngesikhathi sizozama ukuthi sizomisa kanjani. Okubuhlungu akekho umuntu osebenzayo lapha ekhaya, yimi kuphela futhi nami ngisebenza umsebenzi ongatheni, kuqhuba yena. U-Ayanda Silangwe utholakala ku-067 085 7299 kulabo abangelula isandla.






