Kuboshelwe izihlabani ze-Jazz eKloof

0
206

KULINDELEKE ukuthi izihlabani zomculo weJazz ezidumile zibe yingxenye yomcimbi i-7th African Women Writers Symposium (AWWS) ozokuba ngeSonto eKloof, Disemba 12, ngaphandle kwasePinetown entshonalanga yeTheku, kusukela ngo- 2 ntambama.

Lomcimbi ojwayele ukwenziwa eGoli kuzobe kungokokuqala ngqa ukuthi ubanjelwe eKloof, eThekwini, nozobe uhambisana nekhonsathi eliyisipesheli somculo we-Afro Jazz, elibophele izihlabani zabaculi balolu hlobo lomculo.

Kulindeleke ukuthi kube nohlelo lwezinkondlo e-Amazulu Gardens and Sculpture Precinct eKloof. Lo mcimbi uxhaswe wuMnyango wezeMidlalo, ezobuciko namaSiko (DSAC), wadidiyelwa yi-Afro Arts SA, ngokubambisana ne-Amazulu Gardens.

Phakathi kwabaculi abalindelekile kubalwa nomdlali wetrombone, umbhali wezingoma nomculi uSiya Makuzeni.
“Bekuyisifiso sethu, ukuletha iWomen Writers Symposium eThekwini futhi sijabule ukuthi ekugcineni silitholile ithuba lokwenza lokho.

Sibheke ngabomvu ukulethela abathandi bomculo walolu hlobo baseThekwini le nhlanganisela emangalisayo yomculo ehambisana nabacali abaziwayo emhlabeni jikelele,” kusho umhleli, uRoshnie Moonsammy.

Ababhali nezimbongi ezilindelekile kubalwa uThando Fuze, Sindiswa ‘Lady Africa’ Zulu noLuleka Mhlanzi nokulindeleke ukuthi bavale umcimbi. Amathikithi aseyatholakala ezikhungweni ezahlukene.

Umcimbi walo nyaka uqale ngoMgqibelo owedlule, mhlaka Disemba 4 eGoli lapho bekunohlelo oluthathe usuku lonke noluqale nge-workshop yezinkonzo.

Futhi lomcimbi uyingxenye yezinhlelo ezihambisana nezinsuku ezingu-16 zokulwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane kanye nolobulili, i-16 Days of Activism against Gender-Based Violence.