
Kuphenduleke imikhuleko kosomabhizinisi abaningi abahlomule kwi-Operation Vula
KULINDELEKE ukuthi kukhiqizeke amathuba emisebenzi amaningi khona maduze ngemuva kokuthi osomabhizinisi abangu-179 bethole uxhaso lwezizumbulu zemali abazolusebenzisela ukudlondlobalisa amabhizinisi wabo.
Osomabhizinisi bahlomule ngemali esuka ku-R100 000 iya ku-R2 million ibhizinisi ngalinye. Imali ikhishwe uhulumeni wesifundazwe ngaphansi kohlelo i-Operation Vula Fund ehambisana nohlelo lukazwelonke iRadical Economic Transformation. Amasheke ahanjiswe uMnuz Kwazi Mshengu onguNgqongqoshe wezeMfundo, uKhansela Thanduxolo Sabelo onguSihlalo wophiko lokuHlaliswa kwaBantu neNgqalasizinda kuMasipala weTheku kanye nezinye izikhulu zikahulumeni. Umcimbi wokudlulisa amasheke kosomabhizinisi baseThekwini ubusehholo lomphakathi kwa-M eMlazi. EThekwini kusetshenziswe imali engu-R68 million, uhlelo lwesifundazwe lona selusebenzise imali elinganiselwa ku-R300 million. UMshengu uthe lolu hlelo luvula ikhasi elisha ezimpilweni zabantu, lubavulela ithuba ababencishwe lona eminyakeni emningi eyedlule. Uthe lokhu kuhambisana nenkululeko ebeka phambili izidingo zabantu. “Awasekwe la mabhizinisi ngoba uma sibambisene njengabantu abamnyama sizophumelela, sizobunqoba bonke ubunzima obusihlaselayo. Lolu hlelo luvula amathuba esasingenawo okuba ngabanikazi bamabhizinisi, sasibukwa njengezigqila kuphela,” kusho uMshengu.
USabelo uthe Masipala weTheku ubeke phambili ukuthuthukiswa kosomabhizinisi abancane basemalokishini nasezindaweni zasemakhaya, kugxilwa kakhulu kwabesimame nabakhubazekile ngenhloso yokuvala igebe. “Siyaziqhenya ngokuveza ukuthi uhlelo olubhekelela lokhu seluqalile ukwenza umehluko obonakalayo. Siyayiseka i-Operation Vula Fund ngoba ihambisana nezinhlelo zikamasipala zokuhlomulisa abantu emnothweni,” kusho uSabelo. UNks Neliswa Manukuza we-Elihle Mgazi Co-Operative ekhiqiza impahla yokugqoka, uthe usizo abaluthole kulolu hlelo lubasize ngendlela eyisimanga. Sebeqalile ukubona umehluko njengoba sebesebenzisana nezitolo ezinkulu njengeFashion World. ‘Sinemoto eseqopheleni eliphezulu esiyisebenzisela ukuthutha nokuyothenga impahla. Asisamoshi imali ngokuqasha abantu abazosithuthela. Sithole nemshini engu-5 emisha ceke, sakwazi nokukhiqiza imisebenzi. Sidlulisa ukubonga okukhulu,” kusho uManukuza. UNkk Lungule Blose-Khoza onguMnikazi we-Ubuhlakani BamaNdelu ekhiqiza imifaniswane yezikole eMlazi, uthe basebenzisana nezikole ezehlukene futhi abaziqhenya ngakho ukuthi umfaniswane othengwe kubo ngeke uwuthole kwenye indawo. “Ngabona ukuthi izingane zethu zigqoka umfaniswane ongagculisi, ngase ngiqala ibhizinisi. Zonke izikole esisebenzisana nazo zithenga kithina kuphela. Ibhizinisi laqalwa yimi kodwa manje sesibathathu, silindele owesine khona maduze,” kusho uBlose-Khoza.






