Ibhekwe ngabomvu imiphumela yokhetho

0
104

BELIKHIPHE umkhovu entsheni ngoMsombuluko ngesikhathi izinkulungwane zezakhamuzi zaseNingizimu Afrika ziqinisekisa ukuthi lolu suku obeluyiholide zilusebenzisa ngendlela efanele ekuvoteni.

Balalelwa ku-1.9 million abantu obekulindeleke ukuthi babe sezikhungweni ezahlukene eThekwini namaphethelo obekubhekeke ukuthi kuthi kuqambe kushaya u-9 ebusuku ngawo uMsombuluko kube sekuqinisekiswe ukuthi bavotile njengoba izikhungo zokuvota bezivulwe ngo-7 ekuseni.

Zivulwa nje izikhungo iningi le zakhamuzi beseziqalile ukubamba olayini bokuyovota futhi kuqinisisekisiwe ukuthi ziqhelelene ngenhloso yokulandela imithetho ebhekele ukuphepha kwabantu kuCovid-19.

Okufike kwaphawuleka ukuthi iningi losaziwayo neziikhulu kahlanganisa nalabo abebebhalise uhlelweni lokuvota olusipesheli balisebenzisile lelo lungelo labo lokuvota okukhethekile obekunguMgqibelo, Okthoba 30 kwaphothuthulwa ngeSonto Okhoba 31, kodwa abangalitholanga ithuba lokuyovota ngalezi zinsuku ezibaliwe balitholile ithuba lokuvota ngoMsombuluko, Novemba 1.

Njengoba imiphumela yokhetho kulindeleke ukuthi eyokuqala iphumele kusasa ngoLwesine, Novemba 4, bese kuthi eyokugcina iqinisekiswe ngoMsombuluko ozayo, Novemba 8, abaholi bamaqembu, abangenele ukhetho ngokuzimela nalabo amakhanda abo abesezigxotsheni abasalali behlayo belindele ukuthola ukuthi ngakube ukukhankasa kwabo kubasebenzele yini.

Amaqembu amaningi ezombusazwe abonakale enemibuthano yawo uyokusonga ukhetho lapho obekugcwele khona abalandeli ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi noma kanjani ukhetho lohulumeni basekhaya bayaludla.

Enkundleni yezemidlalo eKing Zwelithini Stadium, i-ANC kulesi sifundazwe ubuholi bayo obebubuthene kuyo buholwa nguSihlalo uMnuz Sihle Zikalala kukhona neLungu lesigungu sikaZwelonke, uDkt. Nkosazana Dlamini-Zuma, lenkundla abalandeli bebeyipende ngemibala kaKhongolose ukuqinisekisa ukuthi bashayela isipikili sokugcina. Bekungokokuqala ngqa emlandweni ukuthi izwe liye okhethweni ngoMsombuluko, futhi kuvotwa ngaphansi kwesimo sobhubhane lokhuvethe. Balelwa ku-41 666 abasebenzi bakwa-IEC esifundazweni sonke ababebeqashelwe ukubheka ukhetho, ezikhungweni 4940, ebezibhekele ukubhalisa abantu abalinganiselwa ku-5.4 esifundazweni.
Ezokuphepha nazo beziqinisiwe ukuqinisekisa ukuthi ukuphepha kuhamba phambili njengoba bekubikwe ukuthi kunezindawo ezibhekene nesimo esibucayi , lapho bekutshalwe amaphoyisa kanye namasotsha.

Khonamanjalo yize kubikwa ukuthi konke kugcine kuhambe kahle ngosuku lokhetho obelungoMsombuluko, Novemba 1, kodwa lwandulelwe yizehlakalo ezahlukene ezenzeke kwezinye zezikhungo zokuvota.

Esikhungweni sokuvota eMbumbulu eNingizimu yeTheku ku-ward 93 ngaphansi kukaMasipala weTheku, isikhulu ebesengamele isiteshi sokuvota esikoleni eKusakusa sibekwe izinsolo zokukhwabanisa amaphepha okuvota abesemakiwe ngeSonto.

Okhulumela i-Electoral Commission’s (IEC) esifundazweni, uMnuz Thabani Ngwira, uthe isigameko senzeke kuWadi 93 eKusakusa Primary School, eMbumbulu, eningizimu yeTheku.

“Kusolakala ukuthi umphathi wesikhungo utholwe yizikhulu zamaqembu ebezibhekele ukhetho, egxisha amaphepha okuvota abhalwe phansi ebhokisini lokuvota.

“Lokhu kuseyizinsolo futhi amaphoyisa asaphenya,” kusho uMnuz Ngwira.
Ngokwemithombo esondelene nophenyo isikhulu esiphezulu sigxivize amaphepha okuvota amahlanu amakiwe ekhansela elimele i-proportional (PR) namahlanu ekhansela lesigceme.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Vish Naidoo uthe isikhulu sibhekene nezinsolo zokwephula iSigaba 67 (b) soMthetho Wokhetho. Uqhube wathi eminye imininingwane ngecala izodalulwa uma esevela enkantolo. KwaZulu-Natal iziteshi zokuvota eziyisishiyagalombili azikwazanga ukuvuleka ngenxa yemibango ethinta ubuholi bomdabu. Lolu daba luthinta imibango yobuholi bendabuko nemiphakathi eseka omunye wabaholi bomdabu lapho kuba khona imibango yokuthi ngubani umholi wangempela walowo mphakathi.w