UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nobuHoli boMdabu, kulesi sifundazwe, uMnuz Sihle Zikalala, kanye neMeya yeTheku, uKhansela Mxolisi Kaunda sebezwakalise okukhulu ukukhathazeka ngokuqhubeka kwezehlakalo zokuqothwa kwamakhansela.
Lokhu kulandela ukubulawa kukaKhansela Mnqobi Victor Molefe obelikhansela laku-ward 99 ngaphansi kukaMasipala weTheku okuyindawo ehlanganisa izingxenye zaseDududu naseMkhomazi eningizimu yeTheku.
UKhansela Molefe ochazwe njengelinye lamakhansela abekhaliphile futhi esebenza ngokuzikhandla kuthiwa udutshulwe abantu abangaziwa ngoMsombuluko ekuseni.
Ngokusho kwamaphoyisa e-SAPS eKZN kuvulwe icala lokubulala esiteshini samaphoyisa eMargate. Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Jay Naicker uthe abasolwa abathathu abebehlomile bangene endaweni umufi bekukhona nozakwabo ngaleso sikhathi.
“Abasolwa babaleke endaweni yesigameko bengathathanga lutho. Umlingani wesisulu akazange alimale ngesikhathi sokudubula. Imbangela yokubulawa kwakhe ayikaziwa okwamanje. Kwavulwa icala lokubulala esiteshini samaphoyisa eMargate ukuze kuphenywe,” kusho uNaicker.
UNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, uzwakalise ukukhazeka ngokubulawa kwamakhansela esifundazweni.
UZikalala obekhuluma ngesigameko sokubulawa kwekhansela likaMasipala weTheku uMnqobi Molefe odutshulwe oshayasibhamu ezintatha zangoMsombuluko, uthe ngoSepthemba 8 amakhansela amabili esigceme ngaphansi kukaMasipala waseMsinga ahlaselwa oshayasibhamu. Bavulele ngenhlamvu bebhekise emotweni abebehamba ngayo, kulesi sigameko ikhansela uSiyanda Magubane waku-ward 11 washona.
Uthe umkhakha wohulumeni basekhaya esifundazweni nasezweni lakhelwe ngemuva komsebenzi owenziwa amakhansela ajutshwe ukumela izimfuno zewadi noma isifunda sawo. Asebenza njengebhuloho phakathi komphakathi nomkhandlu.
“Namhlanje ekuseni (ngoMsombuluko) siphinde savuka ngezindaba ezibuhlungu zokuphinde kubulawe ikhansela esifundazweni sethu, lokhu sekungokwesibili ukubulawa kwabantu esikhathini esingangesonto,” kusho uZikalala.
“Namhlanje (ngoMsombuluko) sizwile ngezindaba ezibuhlungu zokubulawa kwekhansela laku-ward 99 eThekwini, uMnuz Mnqobi Molefe, naye owadutshulwa oshayasibhamu abangaziwa.”
UZikalala uthe ubuhlungu nokulahlekelwa esisakuzwile njengesifundazwe ezandleni zezigebengu ezizimisele ukwenza buthaka izinga lohulumeni basekhaya, wathi sekufike ezingeni elimangalisayo.
Unxuse izinhlaka zomthetho ukuthi zingashiyi lutho emzamweni wazo wokubamba amaphekula abangela lezi zenzo zokuvukela umbuso. “Ukuhlaselwa kwamakhansela ethu kumele kubhekwe njengobugebengu obubhekiswe kuhulumeni nakubantu baseNingizimu Afrika,” kusho uZikalala.
UZikalala uphinde wanxusa imiphakathi ukuthi iqhamuke nemininingwane ezosiza izinhlaka zomthetho ophenyweni lwazo. UNgqongqoshe udlulise amazwi enduduzo emindenini yamakhansela, umphakathi wawo, iqembu lepolitiki kanye nomasipala abasebenza ngaphansi kwabo.
IMeya yeTheku uKhansela Mxolisi Kaunda ucele abomthetho ukuthi basebenze ngokuzikhandla ukuthola ababulali bakaMolefe. UKaunda ukugxekile ukubulawa kwabantu wanxusa amalungu omphakathi okungenzeka ukuthi azibonele lesi sigameko ukuthi asebenzisane namaphoyisa ukuze kutholwe abenzi bobubi.
“Egameni labantu baseThekwini, ikakhulukazi abahlali bakuWadi 99, sithanda ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini wakwaMolefe. Siyethemba ukuthi bazothola amandla ngokwazi ukuthi ukushona kwakhe kungalindelekile akukhona nje ukulahlekelwa umndeni kuphela, kodwa umasipala wonke. Impela siphucwe amakhono nolwazi lwalo mholi osemncane obezinikele ekusebenzeleni umphakathi wangakubo,” kusho uKaunda.
Uphinde wezwakalisa ukukhathazeka ngokuthi kusukela ngonyaka odlule zinyukile izigameko zokubulawa kwabantu abebemele umphakathi kulo masipala. Lokhu kuholele ekutheni ubuholi bukamasipala bucele kungenelele uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele.
“Kuyadabukisa ukuthi ngenkathi lokhu kungenelela sekuqala ukuveza imiphumela emihle, sehlangabezana nalesi sigameko sakamuva,” kusho uKaunda.




