IZAKHAMUZI zasezindaweni ezehlukene eNanda, eNtuzuma naKwaMashu ziphinde zabhekana nenkinga obese kuphele isikhathi eside zizama ukulwisana nayo yokushoda kwamanzi, zithi ukuphazamiseka kwezinhlelo zikamasipala ngenxa yezikhukhula kuholele ekutheni sibe sibi kakhulu isimo kunakuqala.
Kunqamuka ukuzihlinzeka ngamanzi nje, bese kuphele izinyanga zikhala ngale nkinga. Bezilokhu zikhale ngoMasipala weTheku ngokungasifezi isethembiso sokuzihlinzeka ngezidingongqangi, zithi namaloli athutha amanzi akhetha iphela emasini okwenza ukuthi bebe baningi abagcina bengenawo amanzi. Kwizigameko zakamuva, izakhamuzi zithole ithuba lokuthola amanzi emapayipini acekeleke phansi ngenxa yazo izikhukhula. Zibe sezibuza ukuthi bekungani zingawatholi amanzi ekubeni ebekhona emapayipini.
Zisola ukuthi amanzi abehanjiswa ezindaweni zezicebi, zona zincishwa ngamabomu. Ngenkathi izinhlangano zomphakathi iHollywood Foundation ngokubambisana neNtenga Foundation zihambele ezindaweni ezehlukene zase-INK, izakhamuzi zikhale ngokuhlale ziba sengozini njalo uma kuhlasela izimvula ezinamandla. Zibuza ukuthi kungani umonakalo wenzeke kakhulu ezindaweni zabahlwempu. Lezi zinhlangano bezihambise imnikelo efana nezingubo zokulala kanye nezijumbana zokudla, okuthe uma izakhamuzi sezikhala ngokushodelwa amanzi zase zisungula uhlelo lokuzihambisela amaloli wamanzi. Zenze lokhu ngaphansi kohlelo iHands of Hope ebese zinesikhathi zibambisene kulo. Lolu hlelo zaluqala ngenkathi kuhlasele ubhubhane iCovid-19 ngenhloso yokulekelela izinhlangano ezisiza umphakathi ezazidonsa kanzima, okuthe uma sekuqubuka izibhelu ngonyaka owedlule zabe sezilunweba ngenhloso yokusiza zona izinhlangano kanye nosomabhizinisi abakhahlamezekile. UMnuz Rasiigan Naidoo oyiMenenja kwiHollywood Foundation, uthe le nhlangano iyohlale ikulindele ukwenza umehluko ezimpilweni zabantu ababhekene nobunzima. Uveze ukuthi bazimisele ngokusebenzisa imali elinganiselwa ku-R1 million ukulekelela.
UMnuz Siyanda Ntenga onguMsunguli weNtenga Foundation, uthe kuyigugu kuye ukuthi uyatholakala ukuyolekelela lapho adingeka khona njalo uma kwenzeke umshophi emphakathini. Uthe kumnika intokozo enkulu ukwenza umehluko ezimpilweni zabantu. “Isimo sibi kakhulu, kwazise silahlekelwe nayimiphefumulo. Ngikholwa ukuthi lokho okuncane esikwenzile kuzowenza umehluko kubantu abakhahlanyezwe ilezi zimvula. Ngiphosela inselelo nawo wonke omunye umuntu onamandla ukuba esize. Umnonakalo ungaphezu kwamandla,” kusho uNtenga. UNks Sanelisiwe Mzimela ohlala eMawoti, eNanda, uthe uma sekudlule lesi simo bazimisele ngokufuna izimpendulo kumasipala ngokuthi kungani behlale bekhala ngamanzi ekubeni amanzi ekhona emapayipini, futhi kwezinye izindawo ingakaze ibe khona inkinga yokushoda ngamanzi. “Umasipala uyasixhaphaza. Sibukeleka phansi ngoba nakhu sizihluphekela. Angingabazi ukuthi uma amanzi enganqamuka isonto lonke eMhlanga, kungasukuma izikhulu eziphezulu kumasipala zifuna ukwazi ukuthi kungani engekho emanzi. Kungani kungenziwa okufanayo kithina?”, kubuza uMzimela.
Izakhamuzi zisho lokhu nje, KwaMashu kusanda kuqubuka umbhikisho odalwe ukunqamuka kwenzidingongqangi ezifana nogesi namanzi okubikwa ukuthi kudalwe izimvula. Izakhamuzi zaKwaMashu bezibuza umbuzo owodwa nezaseNanda, zithi kungani kwenzeka kuzo kuphela hhayi kwezinye izindawo. Ngenxa yezinkinga ngokushoda kwamanzi, iPhini leMeya yeTheku uKhansela P.G Mavundla, uhambele ezinqolobaneni eziphakela iTheku ngamanzi ukuyohlola umonakalo, kuboniswane nangokuthi ikuphi okungenziwa ukusheshe kulungiswa uhlelo lokuphakela umphakathi ngamanzi. Kwisitatimende esithunyelwe kwabezindaba, okhulumela umasipala uMnuz Msawakhe Mayisela, uthe umasipala usebenza ngokuzikhandla ukulungisa umonakalo oholele ekunqamukeni kwamanzi. Uthe kusazoqhubeka ukuhambisa amaloli wamanzi emphakathini ekhahlamezekile. “Umasipala uyavuma, futhi uyaxolisa emphakathini ngokucasuka onawo ngenxa yokunqamuka kwamanzi. Umphakathi uyanxuswa ukuba ungaphazamisi uhlelo lokuhambisa amanzi emphakathini. I-Ethekwini Water and Sanitation isebenza ngokuzikhandla ukulungisa umonakalo.”




