IZAKHAMUZI zaseMlazi ziphoqeleke ukuthi zibeke imipilo yazo engcupheni ngoba zithi bezingafuni ukulahlekelwa yimisebenzi ngesikhathi kuhlasele imvula enamandla ngeledlule nedlule nenqwaba yemiphefumulo.
Ngaphandle kwezakhamuzi ebezikhala ngokulahlekelwa yimisebenzi kukhona obekufanele bafeze izidingo ngalo uLwesibili obekuphoqa ukuthi nabo babeke impilo yabo engcupheni njengoba imigwaqo eminingi ibilimele, futhi nezimoto zigcina kuphela eMega City, eMlazi. Nosomabhizinisi bakhale esifanayo njengoba isimo sezulu besisibi kakhulu nemigwaqo engenayo nephumayo kuleli lokishi ibilimele. Abantu bdebephoqeleka ukuthi uma befike erenki yamatekisi eMega City babe sebehamba ngezinyawo benqamula baye ebhrijini eliseWema nalo ebeliyingozi ukuze bakwazi ukuthola ezinye izindlela zokufinyelela edolobheni.
Ilokishi laseMlazi nalo libe ngelinye lamalokishi azungeze iTheku ashayekile njengoba ezinye izindlu zidilikile, abanye abantu basale dengwane bengenalutho. Ngesikhathi sokuloba lo Ababone i-video yabantu bakuleli lokishi bebeka izimpilo zabo engcupheni ngokuwela umgwaqo obugcwile ngemuva kwezimvula ezinamandla zakamuva nezikhukhula bathe bayoyixoxela amagwababa echobana. Selokhu kuqale isonto eledlule abantu baseThekwini naseNingizimu Afrika bebenxusa abaqashi ukuthi baqonde uma abasebenzi bengakwazi ukuya emsebenzini ukuthi akungoba kuyintando yabo kepha yisimo sezulu.
Ngakolunye uhlangothi, abantu belulekwa ukuthi bahlale emakhaya futhi bangazifaki engozini yokuhamba uma njengoba isimo besishubile. Nokho ngenxa yokuthi isimo sezulu siya ngokuya sidamba, nezikhukhula ziyancipha, izakhamuzi eziningi zaseMlazi zivuke zaya emsebenzini ngoLwesithathu olwedlule ekuseni. Khonamanjalo ozichaze ngokuthi uBigDaddy kasoseshini wamatekisi Umlazi West, uthe imboni igqilazeke kakhulu ngoba bekumele besebenzise imali yabo ukuqasha ugandaganda ozogugula yonke inhlabathi kanye nama-container abesevale umgwaqo. Uveze ukuthi bonke ososeshini baseMlazi bahlanganise imali elinganiselwa ku-R2000 ukuze kuzokhokhelwa ugandaganda. “Sisebenze imini nobusuku sizama ukulungisa umonakalo. Besingeke siyekelele amakhasimende wethu engabi nazo izimoto zokuya emsebenzini. Njengemboni sibonisene senza okusemandleni wethu, inkinga ebe nkulu kube ama-container abephakathi komgwaqo,” kusho uBigDaddy othe imboni ilahlekelwe imali eningi ngesikhathi esiphele ingasebenzi.






