Iqale ngegiya eliphezulu isizini yeDStv Diski Challenge

0
87
Ivulwe ngegiya eliphezulu imidlalo yeDStv Diski Challenge ebidlalelwa eKing Zwelithini Stadium, eMlazi ngempelasonto

ISIZINI yesishiyagalolunye yeDStv Diski Challenge iqale ngegiya eliphezulu enkundleni yezemidlalo, iKing Zwelithini Stadium, eMlazi, kulempelasonto esiphuma kuyo  lapho kubonakale amaqembu edudulana. Kodwa umdlalo odonse amehlo ngobuphakathi kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates. Lomdlalo unqotshwe yiPirates ngo-3-2.

Cishe abalandeli bakanobutshuzwayo abebezokwethamela lemidlalo edlalwa amaresevu amaqembu bakuthokozela ukubona amaqembu amakhulu ahlanganisa awaseThekwini, eSoweto, eKapa kanye nodlalo womkhaya baseTshwane. Isizini entsha iqale ngompetha abavikela iStellenbosch abebebhekene nezimbangi zabo, iCape Town City ngoMgqibelo nonqotshwe ngo-3-2 abafo baseKapa. Kulandele umdlalo womkhaya iGolden Arrows edlale naMaZulu FC, kwathi Abafana B’esithende bakhala ngaphansi ngo-1-0. NgeSonto, izimbangi zaseTshwane, iSuperSport United neMamelodi Sundowns zitholane phezulu kwawina iSundowns ngo-1-0. Lemidlalo ebidlalelwa eKing Zwelithini Stadium, eMlazi, bekungenwa mahhala enkundleni kodwa abalandeli bekumele babe nethikithi lomdlalo abetholakala ehhovisi lamathikithi enkundleni ngoLwesihlanu phakathi kuka-1 ntambama no-6 khona ntambama.

Kuzokhumbuleka ukuthi imidlalo yokuqala yethulwa ngo-2014, iDStv Diski Challenge njengoba isiziqinise njengeligi edingekayo nebalulekile ekuthuthukiseni nasekuqhubekiseni abadlali bebhola basuke kubadlali abasafufusa baye emazingeni akhokhelwayo. Le ligi isize yakhuphula nesimo sebhola laseNingizimu Afrika ngokuthi kwande isibalo sentsha enyukela kuPremiership ngokushesha kunaseminyakeni edlule. Lokhu kubonakala ngabadlali abafana noNeo Rapoo oneminyaka engu-17 weSuperSport United kanye noLuphumlo Sifumba oneminyaka engu-16 weCape Town City, abasanda kudlala okokuqala eqenjini labo. “Ukubambisana kwethu nePSL kuDStv Diski Challenge bekuhlezi kumayelana nokuthuthukiswa kwabadlali bezwe kusukela besebancane kanye nokusiza ekwakheni indawo yokukhiqiza amakhono kuPremier Soccer League nasemaqenjini esizwe amancane.

Abadlali abafana noRapoo noSifumba babili nje ohlwini olude lwabadlali abasesigabeni seminyaka engu-16-17 asebenyukele ezingeni elikhokhelayo ngemuva kokudlulela kuDiski Challenge selokhu yasungulwa,” kuphawula uCollen Dlamini, oyiGroup Executive for Corporate Affairs kwaMultiChoice. Ngaphezu kokukhombisa izithelo zabadlali abanekhono, isizini entsha ye-DStv Diski Challenge izophinde ibe inkundla ebalulekile yokuhlinzeka abaqeqeshi beqembu lesizwe lika-U17 ne-U20 inqwaba yamathalente njengoba befuna ukuhlungela iNdebe Yomhlaba ngayinye eqhubeka ngo-2023. Eminye imiphumela yeDStv Diski Challenge, iRoyal AM idlale ngokulingana neChippa United, kwabangu-0-0, iSekhukhune ishaye ngo-2-0 iMarumo Gallantsa, kwathi iSwallows neRichards Bay FC badlala ngokulingana kuba ngu-0-0.

Imidlalo yeDStv Premiership kulempelasonto:

NgoMgqibelo:

Chippa Unite vs Marumo Gallants FC (Nelson Mandela Bay Stadium, Port Elizabeth, 15:00); Golden Arrows vs Swallows (Princess Magogo Stadium, Durban, 15:99);

Sekhukhune United vs Stellenbosch (Peter Mokaba Stadium, Polokwane, 17:30); Kaizer Chiefs vs SuperSport Utd (FNB Stadium, Johannesburg, 20:00)

NgeSonto:

Mamelodi Sundowns vs AmaZulu (Loftus Versfeld Stadium, Pretoria, 15:00); Richards Bay vs TS Galaxy (King Goodwill Zwelithini Stadium, Durban, 17:30)