
OTHISHA abangaphansi kweSouth African Democratic Teachers’ Union (Sadtu) babeke phansi amathuluzi bamashela emahhovisi oMnyango wezeMfundo kwizifunda zonke zakulesifundazwe, bakhala ngokushaywa indiva umnyango mayelana nezinkinga abathi ziphazamisa ukufunda ezikoleni.
Le mibhikisho iqhamuke ngemuva kokuthi le nyunyana ibambe umhlangano nomnyango ngenhloso yokuwazisa ngezikhalo zayo kanye negxathu ezolithatha uma umnyango uhudula izinyawo. Kwizikhalo ezihanjisiwe kubalwa ukungaqashwa nokunqanyulwa kwezinkontileka zothisha kanye nodaba lwemiholo yothisha bakaGrade R. UNobhala weSadtu KwaZulu-Natal uNks Nomarashiya Caluza, uthe le nyunyana isola ukuthi izinkinga ekhala ngazo zingenxa yokuncishiswa kwesabelomali somnyango ngo-R6.3 billion. Uthe lokhu kuholele ekutheni kube nezikhala ezingaphezu kuka-2 000 zothisha ezingavaliwe, kube nenkinga yokuholela othisha abasabambile.
“Kukhona izikole ezingakaze zibe nabo othisha kusukela zavulwa ngoFebhruwari. Isimo sibi kakhulu ezikoleni kangangoba kunabafundi abangazibhalanga izivivinyo ngo-Ephreli ngenxa yokushoda kothisha. Sifuna ushintsho ngoba indlela okuyiyo kugqilazeka othisha, nabafundi basala ngemuva ezifundweni zabo,” kusho uCaluza. UMnuz Xolani Dube weStudent Chapter kwiSadtu, uthe bayadumala ukuthi isifundazwe silahlekelwa othisha okumele engabe babamba iqhaza ekwakheni ikusasa labafundi. Uthe bafisa zisukunyelwe phezulu izikhalo zabo ngoba kugxekwa othisha ngokungenzi kahle kwabafundi ekubeni kungenxa yezinkinga abangenawo amandla okuzixazulula.
“Kusiphatha kabi ukuthi intsha eneziqu ihlala isikhathi eside ingaqashwa ize ikhethe ukuyosebenza kwezinye izifundazwe. Lokhu kusitshengisa ukuthi uhulumeni wesifundazwe awuyibeki phambili imfundo. Sifuna kuqashwe othisha abazovala zonke izikhala ngoba kubalulekile ukuthi abafundi bethole imfundo esezingeni,” kusho uDube. Uthe bakholwa ukuthi uhulumeni nomnyango uhudula izinyawo ngodaba lokushoda kothisha ezikoleni ngoba izingane zeziphathimandla azifundi ezikoleni ezishodelwa othisha, wathi akangabazi ukuthi ukube othisha bebeshoda ezikoleni lapho kufunda khona izingane zeziphathimandla le nkinga ngabe yaxazululwa ngokushesha.
UNdunankulu wesifundazwe uMnuz Sihle Zikalala owamukele izikhalo zothisha, uthe uhulumeni uyazizwa futhi uyavumelana nezikhalo zothisha. Uthembise ukuthi zizophendulwa izikhalo ngoba uhulumeni ukholwa ukuthi othisha bayingxenye ebaluleke kakhulu kwizinhlelo zikahulumeni zokuthuthukisa isimo senhlalakahle kwisifundazwe. “Sizobonisana noNkk Nomusa Dube-Ncube onguNgqongqoshe weziMali wesifundazwe, uMnyango weMfundo eyiSisekelo kanye neHhovisi likaMgcinimafa likazwelonke ngezikhalo zeSadtu. Uhulumeni wesifundazwe uzophinde uhlanganise amakhanda, sibheke ukuthi ikuphi okungenziwa ukuphendula izikhalo zothisha,” kusho uZikalala.
UNgqongqoshe womnyango uMnuz Kwazi Mshengu, uthe umnyango uyazi ngazo zonke izikhalo zothisha futhi uyavumelana nazo ngoba kukhona okuphazamisekayo ngokungabibikho kothisha. Uthe kudingeka isabelomali esengeziwe ukuze kuzofezeka konke okudingeka ezikoleni, abafundi bethole imfundo esezingeni. “Sinezikole ezishodelwa othisha, siyehluleka nokuqasha othisha abazobambela abathathe ikhefu. Lokhu kuphazamisa ukufunda nokufundisa. ISadtu ivumelana nomnyango. Siyajabula ukuthi undunankulu ulwamukelile uhlu lwezikhalo, wazibophezela ekutheni uhulumeni uzolusukumela phezulu lolu daba,” kusho uMshengu.






