
AKUKHO okungase kuphazamise ukufunda eSiphosethu Primary ngemuva kokuthi lesi sikole sihlomule ngomnikelo odle imali elingasilelwa ku-R140 000, ovela kwiSun International Sibaya Casino and Entertainment Kingdom.
Lo mnikelo ufike ngendlela yezinsizakufunda okubalwa kuzo izincwadi, amapeni, amabhuku okubhala nokunye okuningi. Lena indlela le nkampani ebuyisela ngayo emphakathini ngaphansi kohlelo lwayo lokuqeda izinkinga ezikhungethe abafundi abaphuma emiphakathini ehlwempu. Kulolu hlelo kuhlomule abafundi abavela eMawoti, Cornubia naseWaterloo. Le nkampani iphinde yathembisa ukuthi izoqhubeka nokubambisana nalesi sikole ngoba ikholwa
ukuthi kuningi engakwenza okungaba usizo ezimpilweni zabafundi, kuguqule nesimo senhlalakahle. OyiMenenja kule nkampani uNks Karen Hammond, uthe baze ngobunzima obubhekene nabafundi bakulesi sikole ngemuva kokuthola umyalezo ovela kubaphathi baso. Uthe bakhetha ukusukumela phezulu ngoba bakholwa ukuthi imfundo iyithuluzi elibaluleke kakhulu ekuthuthukiseni isimo senhlalakahle. “Kusemqoka ukuthi abafundi bebe nazo zonke izinsiza abazidingayo ezikoleni, izinsizakufunda zibaluleke kakhulu kulokhu. Ukuba nakho konke okudingekayo kuphinde kunike abafundi ithuba lokuthi bebe yikho konke abazifisela khona okungaba onjiniyela, odokotela noma othisha. Sikholwa ukuthi umnikelo wethu uzowenza umehluko,” kusho uHammond. Uthishanhloko wesikole uNkk Zaba Gumede-Luthuli, ubonge kule nkampani ngomnikelo wayo. Uthe uzosiza kakhulu abafundi ngoba abaningi sebedonsa kanzima ngenxa yomonakalo odalwe iCovid-19. Uthe uzokhuthaza abafundi ukuba besebenze ngokuzikhandla.
“Umnikelo uzoba usizo ekuthuthukiseni indlela abaqonda ngayo okufundwayo. Sibonga kakhulu kwiSun-International Sibaya Casino and Entertainment Kingdom. Sinesiqiniseko sokuthi umnikelo uzogqugquzela abafundi ukuba bethole imiphumela emihle. Sizimisele ekubahlinzekeni ngemfundo esezingeni,” kusho uGumede-Luthuli. UNks Neesha Chetty obemele uMnyango wezeMfundo wesifundazwe, uthe umnyango uyakujabulela ukuthi kukhona izinkampani ezibambisana nawo ekuphuculeni izinga lemfundo ezikoleni. Uthe kubalulekile ukuthi umphakathi ubambe iqhaza ekuthuthukiseni abafundi. UQiniso Gwala ongumfundi wakulesi sikole, uthe umnikelo ubatshengise ukuthi baningi abantu abanesifiso sokubabona bephumelela empilweni. Uthe ukhuthazekile, futhi uzosebenza ngokuzimisela ukuze ezothola imiphumela emihle ezoba indlela atshengisa ngayo ukubonga kule nkampani ngoxhaso lwayo. UHammond uphinde wakhuthaza ezinye izinkampani kanye nabaholi bomphakathi ukuba bebheke izindlela abangalekelela ngazo izikole ezisakhungethwe izinkinga. Uthe kumele kuqinisekiswe ukuthi izingane azibhekani nobunzima.






