
Kuzoqhuma nhlamvana phakathi koSuthu neThwihli Thwahla emdlalweni weDStv Premiership eChatsworth Stadium, ngeSonto, ngo-3 ntambama.
UKUNQOBA kabili emidlalweni emibili kwenze umqeqeshi wesikhashana waMaZulu FC, uBrandon Truter, wakholwa wukuthi leli iqembu lisangakwazi ukuqeda endaweni yesibili kuDStv Premiership bese lingena kuCaf Champions League ngesizini ezayo ka-2022/2023.
AmaZulu alandele ukushaya kwawo iBaroka FC ngo 1-0 eLimpopo ngempelasonto edlule aphinde aba nempumelelo efanayo lapho ehlula izimbangi zawo iMaritzburg United eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo. Le miphumela yomibili yenze lo mqeqeshi owayeqeqesha iSwallows FC, uTruter, amemezele ukuthi Usuthu olusendaweni yesikhombisa luzohlala endaweni yesibili. Ngangingeke ngiwuthathe umsebenzi ukube angizibambi futhi ngenza nocwaningo nokwazi AmaZulu ngezinga labadlali abakhona,” kusho uTruter. “Bengingangabazi ukuthi noma kanjani sizoqeda sibalwa namaqembu amane abaphezulu. Ngizizwa ngizethemba ngokufinyelela kulelo zinga futhi ngiyazethemba nokuthi mhlawumbe ngikulungele ukungena kuChampions League, futhi ngokuqeda silele isibili,”usho kanje.
Usuthu luzobhekana neRoyal AM, Swallows, Sekhukhune United, Cape Town City neLamontville Golden Arrows emidlalweni emihlanu yokugcina kanti uTruter ukholelwa ukuthi uma ewaqoqa wonke lawo maphuzu bazoba nethuba lokuqeda endaweni yesibili. “Ngakho lokho kusengenzeka ngamaphuzu awu-15 okufanele siwadlalele. Ngiyabasekela bafana bami. Kukhona ikhwalithi kulo lonke leli qembu. Ukuvikela njengoba senza (kwiMaritzburg), salibonile izinga eliphezulu. ULuvuyo Memela ungomunye wabadlali abakhokmbise ukuba seqophelweni eliphezulu. Futhi sinabadlali abafana no-Andre de Jong, Siphesihle Maduna kanye nomfana osemncane obonakale enkundleni (Tshepang Moremi). Siphinde sibe noKeagan Buchanan obuyile futhi kukhona uTapelo Xoki ngaphandle nabanye abadlali abaningi ababuyayo, njengoSiphelele Mthembu. “Ngebhadi uBongi Ntuli ubonakale ethwala kanzima kule sizini no-Augustine Mulenga. Kodwa kukhona abadlali abaningi abangakwazi ukwengeza inani futhi baqinise iqembu, futhi sizoba ngcono. “Ama-derby (i-Royal ne-Arrows) anzima futhi kungalindelwa noma yini, kodwa ngiyabethemba abafana bami.”
UTruter, ongene endaweni kaBenni McCarthy kuMaZulu, uthe umdlalo abazowudlala neRoyal AM, eChatsworth Stadium ngeSonto ngo-3 ntambama uzoba nzima kodwa uyabeseka abadlali bakhe ukuthi bazothola amanye amaphuzu amathathu. “Iqembu elihle kakhulu, nomqeqeshi osezingeni eliphezulu,” kusho uTruter ngesikhathi ephawula ngeRoyal AM ephekwa uJohn Maduka. “Basezingeni elihle okwamanje. Isakhiwo sisafana nalesi siya esasisetshenziswa yiBloemfontein Celtic.






