Imizamo yokuthuthukisa intsha yakuleli ngamakhono

0
179
Intsha ebihambele umhlangano wokuyithuthukisa

NJENGOBA bekuyinyanga yentsha iminyango eminingi kahulumeni ibiqhuba imikhankaso lapho bebegqugquzela khona intsha ukuthi ithekele ulwazi ukuze ikwazi ukulwa nezinselelo ababhekene nazo.

Umnyango wezokuThutha ukuPhepha kanye nokuXhumanisa uMphakathi kulesfundazwe oholwa uNkk Neliswa Peggy Nkonyeni ubambe umhlangano nabantu abasha, lapho bebethekela khona ulwazi ngezindlela abangazisebenzisa ukulwa nezinselelo zansuku zonke ababhekene nazo. “Siyazi ukuthi imihlangano esikhathini samanje ihlelwa ngaphansi kwezimo zokucophelela kakhulu njengoba sisalokhu sikhungethwe yigciwane leCovid-19, okumanje isibuya ihlandla lesithathu. Siyazi ukuthi besingaba nesibalo esikhulu ngaphezulu kwalokhu ukuba izwe livulelekile. Yize livalekile izwe kodwa sifisa intsha yesifundazwe sethu ikwazi ukuhlomula kumathuba amancane akhona,” kuchaza uNkk Nkonyeni.

UNkonyeni uthi izwe lisabhekene nalolu bhubhane kodwa kubalulekile ukuthi bangakhohlwa yintsha. “Kufanele sihlomise intsha ngolwazi, ukuze balwe nobubha baphinde badlale indima ekutheni kuthuthuke umnotho wakulelizwe. “Ngifisa ukwazisa intsha ukuthi umnyango wezokuThutha awuphethe kuphela ezokuthutha zasemgwaqeni kodwa uthinta amabhanoyi, imikhumbi kanye nezitimela. Ngenxa yokubheduka kweCovid-19, abantu abaningi ikakhulukazi intsha eningi basala dengwane bengenayo imisebenzi futhi bengenayo indlela yokuthola amathuba okuzithuthukisa,” kusho uNkonyeni.

Uveze ukuthi ayikho into emthokozisa njengokuthi yize isizwe sisabhekene nalolu bhubhane olushabalalisa izinto eziningi, kodwa abantu basanentshisekelo yokuzithuthukisa nokuthola amathuba okwenza ngcono izimpilo zabo. UNkonyeni uphinde waveza ukuthi ngeke bakhohlwe amagalelo entsha yangonyaka ka-1976, eyalwela inkululeko, abaningi balahlekelwa izimpilo zabo. Kule nyanga sibungaza igalelo elenziwa yintsha yango-1976 ekutheni namhlanje sibe nenkululeko nentando yabantu esiyibonayo.

“Maqondana nentsha yango-1976, sithi siyababonga ngokulwela inkululeko nokwakhiwa kombuso wentando yabantu, umzabalazo obhekene nentsha yanamhlanje ngowokulwa nezinselelo zanamuhla. Ngakho izinselelo ezibhekene nentsha yanamhlanje zigxile kulokhu: ukuqeda ububha, ukunciphisa izinga lokuntuleka kwemisebenzi, ukulwa nesihlava sokuhlukumeza kwabantu besifazane nezingane, ukusetshenziswa kwezidakamizwa, ukulwa nokubhebhetheka kwegciwane lengculazi (Hiv/Aids), ukuthola imfundo kanye nokuthola inkululeko kwezomnotho. UNkonyeni uthe bewumnyango wezokuThutha bazoqhubeka nokubamba imibuthano efana nalena ukuthuthukisa intsha.