
KUYAPHELA namuhla ukuqagela ngezikhundla ezisemqoka kuMasipala weTheku okungeseMeya kanye nezinye okulindeleke ukuthi abaqokiwe bangene kuzo kuleli hlandla leminyaka emihlanu elizophela ngo-2025.
NgoMsombukulo ukuqagela kuqale ukuphela ngesikhathi uMnuz Thabani Nyawose efungiswa njengeKhansela elizoba nguSomlomo kuMasipala weTheku emhlanganweni wokuqala woMkhandlu obuMsombuluko odlule. Lesi sikhundla besiphethwe nguNkk Weziwe Thusi. Ngemuva kokuqokwa kwakhe uKhansela Nyawose nakho okuhambisane nokuxokozela kulandelwe ukuphazamiseka kokuqhubeka komhlangano obekuhlanganisa nokuhamba kukagesi. Lokhu kwenzeke ngesikhathi bekufanele aqhubeke nokwengamela umhlangano wokuqokwa nokukhethwa kweMeya, iPhini leMeya kanye neKomidi eliPhezulu.
ObeyiMeya yoMkhandlu weTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, i-ANC ibifolose ngaye ekutheni aqhubeke nalesi sikhundla sobuMeya. Lokhu bekulandela ukuphela kokuqagela ngeSonto ebusuku, ngesikhathi i-ANC ikuqinisekisa ngesitatimende ukuthi uKaunda nguyena ozomela lenhlanano kuMasipala waseThekwini njengeMeya. UKaunda wehlule kwinhlolokho uSihlalo we-ANC esifundeni saseThekwini, uMnuz Thabani Nyawose kodwa ogcine eseqokelwa kwesokuba nguSomlomo woMkhandlu. UKaunda ube yiMeya ngo-2019 kulandela ukusula kukaNkk Zandile Gumede.
NgoMsombuluko, umasipala uqhubeke nomhlangano wawo wokuqala womkhandlu enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida lapho bekufungiswa khona ngokusemthethweni wonke amakhansela ama-ward nama-PR angama-222. Lokhu bekuhambisana nokhetho lwephini lemeya nosomlomo walo mkhandlu. I-ANC, enezihlalo ezingu-96, bekulindeleke ukuthi iqinisekise abaqokiwe ezikhundleni ezintathu eziphezulu ezithathwa njengezibalulekile. I-DA ibimemezele ukuthi umholi wekhokhasi yayo esifundeni, uNicole Graham, uzoqokwa esikhundleni sokuba yimeya ezobhekana noKaunda ngoMsombuluko lapho ibisekwa khona ngamanye amaqembu aphikisayo.
UMnuz Thabani Mthethwa ubeqokwe yiDA esikhundleni sikaSomlomo, kodwa naye wangalibona elidlalayo bekanye noMnuz Philani Mavundla umholi we-Abantu Batho Congress (ABC). Ngokokuqala ngqa kusukela ngo-1996, i-ANC yehluleka ukuwina ngamalengiso uMasipala waseThekwini. Ubuhixihixi obenzeke ekuqhubekeni komhlangano nokuqokwa kwabazongena kwezinye izikhundla kubalwa nesemeya kuholele ekutheni lomhlangano unqunyelwe ukuthi uqhubeke namhlanje, ngoLwesithathu.






