Comrades Marathon, ayaphela amaphupho!

0
147
U-Edward Mothibi uzobe ebheke ukuvikela isicoco asinqobe ngo-2019

KULINDELEKE ukuthi ngeSonto, Agasti 28 aphele amaphupho ngompetha abasha beComrades Marathon ezobe isukela eMgungundlovu iphelele eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Lomjaho ozokube uhlanganisa iminyaka engu-95 wabakhona oke wamiswa iminyaka emibili ngenxa yokuhlasela kwegciwane leCovid-19 zonke izinhlelo zawo sezimi ngomumo njengoba futhi uzobe usakazwa bukhoma kuSuperSport Variety 4 (DStv channel 209) kusukela ekuqaleni kwawo ngo-5 ekuseni kuze kube u-6 ntambama futhi uzotholakala kuwo wonke amaphakheji akwaDStv kusukela kwaPremium kuze kuyofika ku-Access.

Abalelwa ku-70 amazwe emhlabeni jikele azobe emelwe abasubathi bawo kulomjaho ozokwehla usuka eMgungundlovu. Ngaphandle kweNingizimu Afrika, i-UK, Zimbabwe, kanye ne-India amazwe amelwe kakhulu ngabagijimi abangaphezu kuka-200 abavela ezweni ngalinye.  Kulindeleke ukuthi usukele ehholo leDolobha laseMgungundlovu ngezikhathi zabo 5 ekuseni .

Njengoba umpetha ovikela isicoco kwabesifazane uGerda Steyn engekho ohlelweni lwango-2022, abafana no-Alexandra Morozova waseRussia kanye no-Ann Ashworth waseNingizimu Afrika (ingqwele yango-2018) bazoqala umjaho njengezintandokazi zesicoco sabesifazane.

Abanye abazobe bebambelele ethembeni lokuba ngompetha ngoCharne Bosman (onqobe ngo-2016), Adele Broodryk, Jenna Challenor, Dominika Stelmach, Camille Herron (ingqwele ka-2017), Tanith Maxwell, Yolande Maclean, Danette Walley, ngokunjalo. njengoCharlene Archer.

Ngasohlangothini lwabesilisa u-Edward Mothibi uzobe ebheke ukuvikela isicoco asithathe ngo-2019. Ukunqoba kukaMothibi kuvimbele uBongmusa Mthembu isicoco sesithathu kulandelana (obekuzoba sesine se-overall yakhe) kanti lo mpetha amahlandla amathathu uzobe efuna ukubuyela ekunqobeni.

UNkosinathi Mhlakwana nguyena msubathi osolwazi abaningi kule sizini kanti ukuqeda kwakhe isibili ku-Two Oceans Marathon kucacisile ukuthi usekulungele ukunqoba isicoco seComrades.

Ezinye izinselelo zamazwe ngamazwe zizoqhamuka nabadlali abafana noMarko Mambo waseZimbabwe, uHenri Ansio waseFinland noJustin Cheshire waseKenya kanti abanye bakuleli abafana noJoseph Manyedi, Gaolatlhe Gordon Lesetedi, Siyabulela Mqambeli, Jonas Makhele, Ntsindiso Mphakathi, Msawenkosi Mthalane kanjalo nompetha ka-2016. UDavid Getebe uzobe ebheke ukugqama kulo mjaho.