
BEBEZALELWE yinja endlini ngoMsombuluko abashayeli bezimoto obekutholakala ukuthi baphambane nemithetho yomgwaqo ngesikhathi kunezivimbamgwaqo eMariannhill Toll Plaza, ngaphandle kwasePinetown.
UNgqongqoshe wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhumanisa uMphakathi kulesi sifundazwe, uNkk Nelisiwe Peggy Nkonyeni obephelezelwa yizikhulu zomgwaqo ubengahleki kuseshwa kwasani oluyimoto obeludlula kulomgwaqo obumatasa kakhulu ngoMsombuluko.
UNkk Nkonyeni uxwayise abashayeli bezimoto ukuthi iziphathimandla zezomthetho zizoqhubeka nokuqhubeka nomkhankaso wokuqainisekisa nokuphoqa ukuphepha emigwaqweni ukuze kwehliswe abantu abashona emigwaqweni esilobe isibalo sikhomba ukuthi bangu-47 abashonile, kusukela kuqale impelasonto ende yePhasika.
Imibiko yokuqala yezingozi zomgwaqo iveza ukuthi kubikwe izingozi ezingu-37 eziholele ekufeni kwabantu abangu-47 ezingxenyeni ezahlukene zesifundazwe kusukela ngo-Ephreli 1 kuyaku- Ephreli 4 uma kuqhathaniswa nezingozi ezingu-5 eziholele ekufeni kwabantu abangu-6 ngesikhathi esifanayo ngo-2020 lapho izwe lalingaphansi kwe-Level 5 Covid -19 ukuvalwa komhlaba wonke.
Izibalo zezimoto ezisebenzisa umgwaqo besesiqala ukukhuphuka ngezikhathi zasemini ngabo-12 ngoMsombuluko njengoba abantu bebe sebebuyela ezindaweni zabo. Ngalesi sikhathi izimoto besizibalelwa ngaphezulu kuka-2000 ngehora ebezidlula eMariannhill Toll Plaza.
UNgqongqoshe Nkonyeni uthe ubufakazi obunamandla bukhombisa ukuthi izingozi eziningi emgwaqeni zidalwa yimikhuba yabantu njengokuhamba ngejubane, ukulayishwa ngokweqile nokushayela uphuzile.
Ubuye wanxusa abantu abahamba ngezinyawo ukuthi bakugweme ukuhamba emgwaqeni onguthelawayeka waphinde wakugcizelela ukuthi ukuqinisekisa ukuphepha emigwaqeni yaKwaZulu-Natali kungumsebenzi wabo bonke abantu.






