
UKUGUBHA usuku lweMandela Day, iChefs with Compassion sebeqhamuke nenselelo lapho benxenxa khona bonke abapheki (Chefs) ukuba bazibandakanye nenselelo yokuphekela abantu abadonsa kanzima.
Njengoba elakuleli lizogubha usuku lokuzalwa kwesishoshovu somzabalazo owaba ngumengameli wokuqala wentando yeningi uDkt Nelson Mandela, abantu bajwayele ukunikela ngemizuzu engu-67 ukwenza into enhle emphakathini. IChefs with Compassion ithi icela bonke abapheki ukuthi bafake amaphinifa abo bangene ekhishini bapheke, baphekele umphakathi ongathathi entweni ukuze balwe nendlala. Bathi ukuze balwe nendlala ehlasele elakuleli, kubalulekile ukuphekela abantu abaqhamuka kwimiphakathi engathathi entweni. Nyakenye lenselelo yokuphekela umphakathi yangenelwa abapheki ababalelwa ku-300, abazinikela ekutheni baphekele imiphakathi ehlukene.
“Nyakenye sasihlose ukupheka isobho elingamalitha angu-67 000, kodwa sagcina sipheke elingu-77 455 litres, kwaphakwa izikomishi zamasobho ezingu-309 820 kwaphakelwa abantu abalambile. Kulo nyaka iChefs with Compassion isiphinde yaqhamuka nenselelo futhi yokupheka isobho elingu-67 000 litres, kulo nyaka sifuna bonke abapheki babe yingxenye yale nselelo kungabi khona umpheki ozosala ngaphandle. Sifuna abapheki ekhaya, emahhotela, ezikoleni zokupheka, emakhishini asema-restaurants, pubs, ezinkantini kanye nakwizinkampani zokupheka nabanye babe yingxenye yalo mkhankaso. Kulaba engibabalile kuzofanele basebenzise isiqubulo sokuthi ‘Hlanza iPantry yakho’, lapho kuzofanele basebenzise zonke izinto ezisekhishini labo, nalezo esezizophelelwa isikhathi, bafake i-wholesome nezithako ezifanele ukuze kwakheke isobho elinomsoco,” bechaza. IChefs with Compassion yasungulwa nyekenye ngoMeyi, kanti igqugquzela umoya wokunikela, wokuvolontiya kanti inentshisekelo yokwenza umehluko emphakathini. Bathi ukubheduka kobhubhane lo mkhuhlane kudale umonakalo omkhulu kuleli, kwashiya abantu abaningi bebhekene nendlala emakhaya. Ngale nselelo bahlose ukuxosha indlala emiphakathini yakuleli.






