ABAFUNDI bamabanga aphezulu ezikoleni ezehlukene eMlazi bathole ithuba lokufunda kabanzi ngemisebenzi etholakala emkhakheni wamabhanoyi ngenkathi bevakashelwe iSouth African Civil Aviation Authority (SACAA) ebiqhuba umkhankaso wokusabalalisa ulwazi ngemsebenzi efana nokulungiswa nokushayelwa kwamabhanoyi.
Umkhankaso uqhutshwe izinsuku ezinhlanu kusukela ngomhlaka 30 Januwari kuya kumhlaka 3 kule nyanga. Lo mkhankaso uhlose ukuvala igebe lokushoda kwabantu abamnyama abasebenza kulo mkhakha, ikakhulukazi abashayela amabhanoyi njengoba ingxenye enkulu yabo isenzisa abebala elimhlophe.
“Inkinga enkulu eholela kulokhu ukushoda kolwazi, nokuyinto esizama ukubhekana nayo ngokubambisana noMnyango wezokuThutha nezinye izinhlaka ezikulo mkhakha. Ngonyaka owedlule sakwazi ukufinyelela kubafundi abangu-30 000 iNingizimu Africa yonke,” kusho uMnuz Sisa Majola wezokuXhumana kule nhlangano.
UMajola uthe enye yenkinga ekhona ukuthi kumba eqolo ukungena kulo mkhakha njengoba kudingeka imali ecela ku-R1 million ukuze uzoba umshayeli wamabhanoyi. Uveze ukuthi le nhlangano isisungule uhlelo lwemfundazwe ngenhloso yokuvala leli gebe kodwa kudingeka abenza kahle kwiMathematics nePhysical Sciences.
“Yingakho sikhethe ukuvakashela izikole zaseMlazi ukuze sizohlomisa abafundi ngalo lonke ulwazi abhaludingayo. Siyazi ukuthi ukhona umshayeli wamabhanoyi ongaphuma kulezi zikole ezingu-15 esizivakashele, nabanye abangathola imkhakha yemsebenzi cishe engaphezu kuka-45,” kusho uMajola.







