Bathenjiswe indlu

0
149

KUPHENDULEKE imikhuleko yezalamani ebese kuneminyaka ziphila ngaphansi kwezimo ezinzima ngenkathi usomabhizinisi ezithembisa ukuthi uzozakhela indlu, afake yonke ifenisha ezizoyidinga phakathi.

Isimo sezelamani ezintathu zakwaSosibo esigcemeni sakwa-K KwaMashu, saqala ukuba sibi kakhulu ngenkathi kushona umama wazo engozini yemoto ngo-2018. Ubaba wazo washona zisencane. Zinakekelwa omdala uKwenzi owagcine eshiye phakathi esikoleni, ababili abancane bafunda esikoleni samabanga aphezulu. UMnuz Collen Mashawana onguMsunguli weCollen Mashawana Foundation, waze ngosizi lwalezi zelamani ngenkathi eqhuba umkhankaso wokuvakashela abantu asebegugile kanye namakhaya aphethwe izingane ezindaweni ezehlukene zakulesi sifundazwe.

Echazelwa ngosizi lwezelamani zakwaSosibo, uthe ukholwa ukuthi akekho umuntu okumele ephile ngendlela eziphila ngayo. Uthe ukuhlala emjondolo akulungele bani, kubi kakhulu uma kuyizingane ezihlala khona zingenaye umuntu omdala ozinakekelayo. “Ihlanzekile indawo ezihlala kuyo, kuyatshengisa ukuthi ziyazithanda, zishoda ngendawo ehloniphekile nje kuphela. Yingakho senginqume ukuthi ngizakhele indlu, ngizobonisana nosomabhizinisi engivame ukubambisana nabo ngendlela esizozakhela ngayo,” kusho uMashawana. Uthe akasithandanga isimo asificile, wathi unethemba lokuthi ngokubambisana nekhansela lendawo zizosheshe zitholelwe indawo ezizokwakhelwa kuyo indlu. Uthe kusemqoka ukuthi osomabhizinisi befake isandla ezinkingeni ezikhungethe imiphakathi abasondelene nayo.

UKwenzi Sosibo uthe nakuba esenalo uthando lokuqhubeka nemfundo kodwa isimo sasekhaya siyamphoqa ukuba ebheke izindlela zokunakekela izingane zakwabo. Uthe kuyisifiso sakhe ukuqhubeka nemfundo kodwa akakwazanga ngenxa yezinkinga zemali. Uthe okwamanje basaphila ngesibonelelo sabantwana, wathi uyafisa nokuthola umsebenzi ongamholela imali engcono ukuze ezokwazi ukunakekela izingane zakwabo, akwazi nokuzithengela ezikudingayo njengezinsizakufunda nezimpahla zokugqoka. “Uma kugcine kungaphumelelanga ukuthi ngiqhubeke nemfundo, okungenani sekungaba izingane zasekhaya ezifunda zize zifike emanyuvesi. Ngifisa ukuthi ngibe nemali eyanele ukuze ngizokwazi ukuzinika ithuba lokufinyelela lapho engingakwazanga ukufinyelela khona,” kusho uKwenzi. UMashawana unikelele lo mndeni ngamaphasela okudla. Uthembise ukuthi ngeke uphele unyaka lo mndeni ungakayitholi indlu, uma kwenzeka kwedlula lesi sikhathi kuyobe sekukhona okubonakalayo ngenqubekela phambili yohlelo lokuzakhela indlu azithembise yona.