
Kungesikhathi, uSgt Nozipho Khuzwayo osophikweni lweSocial Crime Prevention ePinetown eqwashiswa ngobungozi bobubhoklolo nokuxhaphaza abafundi emhlanganweni obusesikoleni eMotala Heights ngaseWestmead, ngaphandle kwasePinetown
UBUBHOKLOLO nokuhlukumeza abanye abafundi okuwumkhuba okubikwa ukuthi usaqhubeka kwezinye izikole phezu kokuba uMnyango wezeMfundo uhlale uhlaba ikhwelo lokuba kuphele ngawo, kwenze ukuthi amaphoyisa asePinetown aphume umkhankaso okuqwashisa ngalesi sihlava.
Isikole esisentshontshonalanga yeTheku ngaphandle kwasePinetown, iMotala Heights Primary, ngaseWestmead, singesinye sezikole okuvele ukuthi kunezingane ezihlalise lubhojozi ezinye izingane ezifunda kulesi sikole. Lokhu kuholele ekutheni amaphoyisa ophiko olubhekele ukulwisana nobugebengu emphakathini esiteshini sasePinetown agasele kulesi sikole ngenhloso yokuzoqwashisa ngobungozi bobubhoklolo. Kubikwa ukuthi kulesi sikole lo mkhankaso ulandele impi ebikhona phakathi kwabafundi esikoleni, kuphuma nabagama ayizinsongo okuthiwa ashiwo nakubafundi, okuze kwadala ukuthi abaphathi besikole babikele amaphoyisa.
Ngaphandle kwamaphoyisa asePinetown bekukhona nezinye izinhlaka ezibhekele ezokuphepha zomphakathi, abaqhamuka eMnyangweni wezokuPhepha, amaphoyisa kaMasipala weTheku kanye namalungu eSigungu esiLawula iSikole lapho lezi zinhlaka bezihlanganyele ekuqwashiseni abafundi kanye nokulahleka kwekusasa labo uma bezihlanganisa nalomkhuba wokuxhaphaza abanye abanfundi. Ngaphandle kobubhoklolo abafundi babuye baqwashiswa ngobungozi bokuphatha nokusebenzisa izidakamizwa kanye nobungozi bokuphatha izikhali esikoleni noma emphakathini.






