
BAGUBHE usuku lomama ngokuthi bangene ensimini yabo bavune abakutshalile abesifazane abanomfelandawonye base Nanda, eMzinyathi. Laba besifazane banomfelandawonye iSinqoba Ngokuhle Cooperative ethole uxhaso kumasipala weTheku, kuphiko lwamabhizinisi ezoLimo.
Laba besifazane bahlanu kulo mfelandawonye, kanti sebehlinzeke ngamathuba omsebenzi kubantu abawu-8 abasebenza ngokulima ngaphansi kwalomfelandawonye. Uphiko lwamabhizinisi ezoLimo ngaphansi kwamasipala wase Thekwii lweseka amabhizinisi ezolimo asafufusa, bahlomiswe ngolwazi lwebhizinisi nokunye okuningi.
ISinqoba Ngokuhle Cooperative kulolu phiko yahlomula ngokuthi ibiyelelwe insimi, amakhontena okugcina izitshalo nokunye okuningi. Umnyango wezokuVakasha kanye nezeMvelo kwisifundazwe wanikeza uqeqesho kwezoLimo namabhizinisi kulo mfelandawonye izinyanga eziyisithupha. Lo mfelandawonye utshala izitshalo ezahlukene, okubalwa u-anyanisi, spinach, beetroot nokunye. UNks Sindiswa Zuma onguSihlalo kwiSinqoba Ngokuhle Cooperative uthe babengayiboni impumelelo ngesikhathi beqala ukulima. “Angifuni ukuqamba amanga, ngangingazi ukuthi ngesikhathi siqala ezolimo sizosimama. Kuyangijabulisa ukuthi impumelelo siyayibona njengoba izitshalo zethu sihlinzeka ngazo kwizitolo ezinkulukazi kuleli okubalwa iFood Lovers, Spar, Oxford kanye noCheckout,” kusho uNks Zuma. Uphethe ngokuthi abonge umasipala kanye nezinye izinhlaka ezahlukene ngokuqhubeka nokubanika usizo.






