
UBUDEDENGU babantu iyona mbangela yokufa kwabaningi bebulawa isifo sofuba (TB) KwaZulu-Natal, uNgqongqoshe woMnyango wezeMpilo kulesifundazwe uNkk Nomagugu Simelane-Zulu uthi ukhathazekile ngezibalo eziphezulu zabantu abangayi ukuyothola usizo lwezempilo emtholampilo uma benezinkomba zalesi sifo.
Lokhu kuqhamuka ngemuva kokuvela kokuthi isifundazwe sibalwa kanye nezindawo ezihamba phambili ngezibalo zabantu abahaqwa, nababulawa isifo sofuba. ITheku yilo elihamba phambili isifundazwe sonke. INingizimu Afrika ibalwa kanye namazwe angu-14 ahamba phambili umhlaba wonke. Izibalo zeTB Prevelance Survey eyenziwe ngo-2018, ziphinde zaveza ukuthi kubantu abangu-100 000, balinganiselwa ku-737 abantu abanesifo sofuba. Kubo kubalwa abadla imishanguzo yaso, kanye nabangazi ukuthi banaso ngenxa yokuziba izinkomba. Lesi sifo simandla kakhulu kubantu besilisa.
UNgqongqoshe uNkk Nomagugu Simelane-Zulu, uthe kuyadumaza ukuthi kukhona abantu abasabulawa ilesi sifo nakuba kulula ukuselapha. Uthe kukhathaza kakhulu ukuthi amadoda asengcupheni yokusithola ekubeni bebaningi abesilisa abangakholelwa ekutholeni usizo lwezempilo emtholampilo. “Indaba yokuthi abantu baya ezikhungweni zezempilo uma sebegula kakhulu kumele iphele. Abantu abaye emtholampilo, kuyilungelo lawo wonke umuntu ukuthola usizo lwezempilo ngendlela ehloniphekile. Akukho okumele kusixoshe ezikhungweni zezempilo,” kusho uSimelane-Zulu.
Ungqongqoshe usho kanje ngenkathi ekade eyothola umshini omusha wokuhlola lesi sifo iGeneXpert Ultra 4. Lo mshini usuzokwazi ukukhipha imiphumela ngaphansi kwesikhathi esingamahora amabili, uyakwazi nokukhipha imiphumela yeCovid-19. Okwamanje lo mshini usatholakala kwisifunda saseThekwini nase-Ilembe, uSimelane-Zulu uthembise ukuthi uzohanjiswa nakwezinye khona maduze. Lo mshini uzosebenzisana kanye nohlelo i-Urine Lam TB Test, kuyo okusetshenziswa umchamo ukuhlolela lesi sifo esikhundleni sesikhwehlela. Lona lusetshenziswa kubantu abanamasosha omzimba amancane, kanye nabagula kakhulu. Okwamanje lolu hlelo lusatholakala ezikhungweni zezempilo ezinkulu kuphela, ungqongqoshe uthembise ukuthi umnyango usazocubungula ukuthi lungafakwa kanjani nasemtholampilo. “Umnyango uzophinde uqinise umkhankaso wokuqwashisa, kutholwe nabantu abanalesi sifo isifundazwe sonke. Kuzosetshenziswa amathimba angu-270. Sibheke nokushintsha uhlelo lokwelapha lesi sifo, olusha seluqalile ukusebenza eThekwini,” kusho ungqongqoshe.
Uhlelo olusha i-3HP Therapy yona ithatha izinyanga ezintathu ukwelapha lesi sifo, ikhipha obeluthatha izinyanga ezingu-6 kuya kwezingu-12. Abazofakwa ngaphansi kwalolu hlelo bazodla imishanguzo kabili ngesonto. USimelane-Zulu uthe imishanguzo emisha isatshengisa ukungabi nawo umthelela omubi kwabayidlayo.






