
ABEZINHLANGANO yezinkulisa bagxeka uMnyango wokuThuthukiswa koMphakathi ngokungacaci ngokuhlelile ngokugoma kothisha abafundisa ezinkulisa, bathi baphoxekile ngoba bebelindele ukuthi bangase begonywe ngesikhathi esisodwa nothisha basezikoleni.
Bakhala kakhulu ngalokhu njengoba izinkulisa zisagunyaziwe ukuthi zisebenze kuLevel 4 ekubeni sekuphume isinqumo sokuthi kuvalwe izikole. Bathi abaqondi ukuthi kungani umnyango ungabalwelanga ukuba besheshe begome ngoba nabo basebungozini obufanayo nothisha basezikoleni. UMnuz Arno van der Merwe oyiSikhulu esiPhezulu seSA Childcare Association, uthe abaphathi bezinkulisa kumele beqinisekise ukuthi othisha baphephile. Uthe zinalo igunya lokuvula ezinye izinhlelo kodwa uma zenza lokhu kumele ziqikelele ukuthi imigomo iyalandelwa. “Asingajahi ukuvala izikole, asizibuze ukuthi ikuphi esingakwenza ukusigcina siphephile. Sesifikile isivuvu sesithathu seCovid-19, kusemqoka ukucophelela ngokweqile. Izinkulisa kumele kube izindawo eziphephile kubantwana nakothisha. Akulandelwe izindlela ezifanele zokungenisa abantu ezikoleni,” kusho uvan der Merwe.
UNks Jenifer McQuillan onguMsunguli we-ECD Owners of SA, uthe kuyabaphoxa ukuthi kumele belwele konke abakufunayo ezinkulisa. Uveze ukuthi ngonyaka owedlule balwela ukuthi zivulwe, baphoqa nokuthi kube nesibonelelo sabezinkulisa abakhahlanyezwe umvalelandlini, wathi kuyacaca ukuthi kumele bephinde bekulwele ukugoma. “Siwumkhakha onganakiwe ngoba sinongqongqoshe ongasikhathalele. Siyaphoqeleka ukuba sibhikishe ukuze kuzophendulwa izimfuno zethu. Abasezinkulisa yibo okumele begome kuqala ngoba izingane ezincane zibuye zikhohlwe ukufaka izifonyo ngendlela nokulandela imigomo. Uma zithola iCovid-19, zizoyisabalalisa,” kusho uMcQuillan.
UMnuz Bongani Bekwa wenkulisa iKwaz’ Ubumnandi Pre-School esesigcemeni sakwa-V eMlazi, uthe kubaphatha kabuhlungu ukuthi bashaywe indiva njengoba sekugonywa othisha. Uthe umnyango bekumele ubambisane noMnyango wezeMfundo kanye nowezeMpilo ukuqinisekisa ukuthi nothisha basezinkulisa bayagoma. “Ayiyinhle le nto eyenzekayo. Kumele bevikelwe bonke othisha ukuze kuzovikelwa nezingane. Baningi abakhala ngalokhu. Besingakujabulela ukuthi kuvunyelwe othisha basezinkulisa ukuthi beyogoma ngoba bawumgogodla wokukhula kwezingane,” kusho uBekwa othe bazizwa becwaseka. UNkk Thembeni Madlobha-Mthethwa we-IFP ukhuthaze abazali ukuba befundise izingane ngobungozi beCovid-19. Uthe ukholwa ukuthi abazali kumele bezinikele ekuvikeleni izingane zabo, baqinisekise ukuthi izingane ziyazi ngomthelela wokungalandeli imigomo ebekiwe yomvalelandlini. Okhulumela umnyango uMnuz Mhlabunzima Memela akatholakalanga ukuba ephawule, ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.






