Bahlinzekwa ngosizo lwezempilo

0
21
IMeya yeTheku uKhansela Mxolisi Kaunda, uhlole isimo sePhelophepa Healthcare Train ehlinzeke izakhamuzi zaKwaMashu, Inanda, Ntuzuma, nasePhoenix ngosizo lwezempilo lwamanani aphansi

KUHLOMULE abaningi esitimeleni esaphendulwa senziwa isibhedlela esingumahambanendlwana sakwaTransnet iPhelophepa Healthcare Train, eyanikelelwe uMnyango wezeMpilo wesifundazwe njengendlela yokuthuthukiswa ukuhanjiswa kosizo lwezempilo eduze kwezakhamuzi ngalesi sikhathi seCovid-19.

Muva nje, lesi sitimela besisesiteshini sasePhoenix lapho kusizwe khona izakhamuzi ngezinto ezifana nokuhlola amehlo, ukuhlolela umdlavuza, ukuhlolela isifo sofuba, ukuhlola umfutho wegazi, nokunye. Usizo belutholakala ngamanani aphansi. Ngaphezu kwalokhu, uMasipala weTheku uphinde wanikelela abaphila nokukhubazeka ngezihlalo ezinamasondo. UKhansela Mxolisi Kaunda oyiMeya yeTheku, uthe bakujabulelile ukubuya kwalesi sitimela ngoba kuhambisana nomthethosisekelo othi wonke umuntu unelungelo lokuthola usizo lwezempilo olusezingeni. “Lelo lungelo ligcinekile ngokufika kwePheliphepa Healthcare Train ngoba kusizakale abantu abaningi abebenezinkinga ezehlukene,” kusho uKaunda.

Lesi sitimela sihlale amasonto amabili ePhoenix ngaphambi kokwedlulela eMgungundlovu naseNewcastle. IPhelophepa Healthcare Train yethulwa okokuqala eminyakeni engu-26 eyedlule. Inamagumbi angu-19 kuwo okubalwa nekhemisi. Ukufika kwaso kukhiqize imisebenzi engu-61 ehlukene. Kuqashwe otolika abangu-23, abangu-17 abaxhuma amathende, abangu-8 abahlanzayo nabasebenza ekhishini, osebenza ekhemisi, kanye nabahlengikazi abangu-12 kubo okubalwa nabese bethathe umhlalaphansi. Bonke laba bathole imisebenzi yesikhashana njengoba isitimela sihlala amasonto amabili kuphela endaweni eyodwa. UNks Shamona Kandia oyiMenenja yezeMpilo kwiTransnet, uthe nakuba lesi sitimela sihlose ukuhambisa usizo lwezempilo lwamahhala emphakathini kodwa umthetho uyabaphoqa ukuba kube khona imali abayithatha kwiziguli. “Kusizakale abantu abaningi, baba ngaphezu kwengulungwane usuku ngalunye,” kusho uKandia.