Bafunde kabanzi ngezinto ezikukhulisa okholweni

0
90

ABAHOLI emikhekheni ehlukene yezenkolo bathole ulwazi olunzulu ngezindlela ezizokwazi ukubagcina bebambelele okholweni kanye nokuhleleka kwamabandla nezinto okufanele baziqaphele ukuze kubonakale umsebenzi kaNkulunkulu uchuma.

Lokhu kuhlaluke embuthanweni obusasifundo obuhlelwe umphathi wekolishi lezenkolo iPotter’s House, uDkt. Archbishop TL Magwaza obusehholo lenkulisa iHlanganani eNtuzuma ngoMgqibelo lapho bekuhlangene abaholi bamahlelo ahlukene ezenkolo. Izifundo zethulwe uSolwazi JM Mncube obegxile kakhulu esifundweni sobizo lokuba yisisebenzi esithembekile kuNkulunkulu, indlela yokuhleleka kahle komsebenzi kaNkulunkulu nokwazi kabanzi ngezikhundla ebhretshini lebandla. Uphinde wethula nesifundo mayelana nezisebenzi zabesifazane ebandleni. Phakathi kwabebethamele lombuthano kubalwa amaBhishobhi, oMengameli, abeFundisi, amaDikhoni, AbaVangeli, abaShumayeli, amalumngu amakomidi amabandla ngokwehlukana kwezigaba zawo kuze kuyoshaya konobhala uqobo.

Ngaphandle kukaSolwazi Ncube, noShansela uDkt. A Mafumo naye uhlube udlubu ekhasini ngesikhathi ethula isifundo esimayelana nezinto ezenza umzalwane akhule enkosini. Cishe bonke abebethamele lezi zifundo bavuleke amehlo kokuningi njengoba nabo bebebuye bathole nethuba lokubuza imibuzo, abanye bebonga leli thuba abalitholile. Babonga kakhulu uDkt. Magwaza okunguyena oqhamuke nalelisu likaNkulunkulu lokuba kube nesikshathi sezifundo lapho wonke umntwana kaNkulunkulu ezohamba ekukhanyeni evangelini anganhlanhlathi. Baphinde bachazelwa kabanzi ngokubaluleka kokubhaliswa kwamabandla ePitoli kanye naseBhodini eyengamele amandla ngoba kulapho okuye kuxazululwe zonke izinkinga uma kwenzeka kukhona okungahambi kahle ebandleni. Kuke kwabanesikhathi somkhuleko lapho abanye babantwana bakaNkulunkulu bebethukulula okusezinhlizyweni zabo.

UDkt. Magwaza ubonge kakhulu kuSol. Ncube ngokuthi uma emcela azobasiza angenqabi ngokunjalo nakuShansela uMafumo ngoba bonke abebekule-workshop bekuzwakala ukuthi sengathi ingaqhubeka kodwa kwaphoxa sona isikhathi. Phakathi kwabebethamele le-workshop kubalwa abasuka eningizimu yesifundazwe, enyakatho yesifundazwe, maphakathi nesifundazwe  kanye nasemalokishini ahlukene akhele iTheku namaphethelo. Bonke bathole izitifikethi.